UPHINDE waqokwa njengomqeqeshi ovelele kwiDStv Premiership umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, kulandela ukwenza kahle kweqembu lakhe emidlalweni yeligi ngo-Ephreli.
Kule nyanga amaBrazilian adlale imidlalo emihlanu yeligi, anqoba emine, adlala ngokulingana kowodwa.
Aguqise iRichards Bay ngo 1-0, iCape Town Spurs ngendlela efanayo, iSekhukhune United ngo 2-1, iTS Galaxy ngo 3-0 ase ebambana neMoroka Swallows ngo 2-2.
Bekungokwesibili uMokwena ethola indondo yeDStv Premiership Coach of the Month njengoba aba umqeqeshi wokuqala ukuyithola kule sizini ngo-Agasti.
Uthole amavoti amaningi kunomqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, oweStellenbosh FC, uSteve Barker, nabeChippa United, uKwanele Kopo noThabo September.
Ifomu yamaChilli Boyz iholele ekutheni umdlali wayo wasesiswini, uSinoxolo Kwayiba, aqokwe njengomdlali ovelele enyangeni ka-Ephreli.
Lo mdlali ufike kwiChilli Boys ekuqaleni kwesizini esuka eqenjini eligijima esigabeni sesibili, iPretoria Callies.
UKwayiba uhlohle amagoli amane emidlalweni emine edlalwe iqembu lakhe ngo-Ephreli libhekene neCape Town Spurs, Kaizer Chiefs SuperSport United naMazulu FC.
Uqophe umlando ngokuba ngumdlali wokuqala weChippa United ukuqokwa njengomdlali ovelele selokhu yakhushulelwa esigabeni esiphezulu ngo-2014.
Indondo yegoli elibe lihle kunawo wonke ngo-Ephreli ithathwe ngumdlali weSekhukhune United, u-Asekho Tiwani.
Igoli alishaya benqoba iCape Town Spurs ngo 1-0, ezuma unozinti ekude, liqwaqwade amanye amahle ashaywe uSedwyn George noTeboho Mokoena.