UMAKADEBONA weRoyal AM, uThabo Matlaba, akaboni ezohlala isikhathi eside kuleli qembu umdlali waKwaMashu, uSanele “Figo” Radebe osanda kwenyuselwa esikimini esikhulu.
URadebe (23) oyindodana yowayengumdlali weLamontville Golden Arrows, uSiyabonga Khanyile, wenyuselwe esikimini esikhulu maphakathi nesizini edlule emuva kokugila izimanga kweseDStv Diski Challenge (DDC).
Ubalwa nabadlali abathwele ijoka lokugcina iThwihli Thwahla kwiBetway Premiership njengoba ingavumelekile ukubhalisa abadlali abasha ngenxa yesigwebo seFifa. Emasontweni adlule, uRadebe odle ngejubane nomjiko ezinhlangothini, ushiye abantu bengawuvali umlomo emqhudelwaneni iKZN Premier’s Cup obudlalelwa Olundi. Ukuphindile lokho ngempelasonto edlule, eshaya igoli emqhudelwaneni iPrince Mangosuthu Legacy Cup bebhekene neRichards Bay FC.
“Ungomunye wabadlali abaphambili esinabo eqenjini. Ungomunye wabadlali abasebancane futhi usebenza kanzima. Ngicabanga ukuthi uzoba ngomunye wabadlali abaphezulu ngomuso. Uzophumelela. Ngeke ahlale isikhathi eside lapha eqenjini. Uzodlala le sizini bese eyahamba. Ungumdlali oseqophelweni eliphezulu,” kusho uMatlaba owayedlalela i-Orlando Pirates neBafana Bafana.
URadebe kubhekwe ukuthi aqhubeke nefomu yakhe uma i-AM isibhekene neCape Town City emdlalweni weBetway Premiership eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngo-3 ntambama.
Umqeqeshi, uJohn Maduka, uhlalelwe wumsebenzi wokubumba iqembu elizoyibamba ishisa phezu kokuba engenalo ilungelo lokuqinisa iqembu ngendlela abefisa ngayo. Ngakolunye uhlangothi, iCity ikhombisile ngesikhathi ibhekene ne-Orlando Pirates kwiMTN8 ukuthi kungenzeka ibalwe namaqembu ayingozi kule sizini.
“Bayiqembu elihle kakhulu. Badlale kahle bebhekene nePirates kodwa ebholeni kungena abadlali abangu-11 iqembu ngalinye enkundleni. Sisebenza kanzima, ngakho sizoqinisekisa ukuthi siyabehlula. Siqala eHarry Gwala, wumdlalo wethu wasekhaya, ngakho kubaluleke kakhulu ukuthi sizikhandle. Sizilungiselele kahle. Siyibukile iCity ngesikhathi idlala, sayicubungula. Siyayazi manje. Okufanele sikwenze manje wukwenza lokhu ebesikwenza ngesikhathi sizicijela ukuqala kwesizini,” kusho uMatlaba.