Polokwane City (0) 0
Orlando Pirates (0) 1
I-Orlando Pirates iphinde yaxaxama kwi-log yeDStv Premiership ishaya iPolokwane City kowePremiership, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ntambama.
IPirates ikhombise kusukela ngesiwombe sokuqala ukuthi iyafuna ukuwunqoba lo mdlalo njengoba kuyiyona ebihlasela kakhulu, futhi yathola namathuba ambalwa okubhakuzisa inethi.
Yize iPolokwane ingawatholanga amathuba atheni okuhlupha unozinti wePirates, uSipho Chaine, kodwa isikhwishikhwishi u-Oswin Appollis sikhombise ukuba wuhlupho ezitobheni zePirates uma eqhamuka ngasohlangothini lwesokunxele, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala.
Ukushoshela kuka-Appollis kugcine kudale i-free kick ngaphandle kancane kwebhokisi edlaliswa kabi nguThapelo Xoki. Uyithathe yena u-Appollis kodwa yaphuma kancane phezu kwepali ngomzuzu ka-33.
Ukuba wuhlupho kukaKarin Kimvuidi kucishe kwayitholela igoli iPirates ngomzuzu ka-38 ephenduka, ededela ishodi elishaye ipali selimdlile unozinti wePolokwane, uManuel Sapunga.
Sekusele amanenjana ziye ekhefini uRelebohile uMofokeng naye uphinde wabuza engaphandle kancane kwebhokisi kodwa wala ukhasha uSapunga ezintini, eliphebeza ngomzuzu ka-45 selimi ngezinyawo ibhentshi lePirates.
Ngesiwombe sesibili iPirates iqhubekile nokucindezela, isingqongqoza ingqongqozile emnyango wePolokwane.
Nebala u-Evidence Makgopa, obengawatholanga amathuba okufika emapalini ePolokwane ngesiwombe sokuqala, ungqomfele phakathi ibhola ebeliyi-free kick ebishaywe ngobuchule wuDeon Hotto ngomzuzu ka-68.
Nangemuva kwaleli goli eZimnyama ziqhubekile nokucindezela kwaze kwaba sekugcineni, zacishe zathola elesibili sekusele kancane kuphele umdlalo ngesikhathi ibhola likaKabelo Dlamini lishaya ipali selibaliwe.
Ukunqoba kweBucs lo mdlalo kuyenze yaxaxama kwi-log yahlala endaweni yesine. Lokhu kuwanyusile amathuba ayo okulwela ukuqeda endaweni engayibekisela indawo emiqhudelwaneni yeCaf ngokuphela kwesizini.
IBucs izobuyela ensimini isiyobhekana neCape Town Spurs ngoLwesithathu. Ngmuva kwalokho, izodlala owabakhaya baseSoweto neKaizer Chiefs ngoMgqibelo eFNB Stadium, eNasrec.