UCAVIN Johnson, ongumqeqeshi weKaizer Chiefs, uvikele umdlali wakhe, u-Ashley Du Preez, ojabhise abalandeli ngokuba buthuntu phambi kwamapali emdlalweni wezakhe neRoyal AM ngempelasonto edlule.
Kulo mdlalo weDStv Premiership Amakhosi ne-AM babambane ngo 0-0 eHarry Gwala Stadium, eMphithi.
Abalandeli baleli qembu baphume enkundleni benganeme neze ngenxa yalo mphumela.
Njengoba kuphunywa ekhefini le-Africa Cup of Nations (Afcon), bebenethemba lokuthi abafana babo bazofika kulo mdlalo bebukhali.
Ithemba belikhuliswa wukuthi iChiefs ivale unyaka u-2023 isiwine imidlalo emithathu kwemine yokugcina. Kowukuvala unyaka odlule iChiefs ibambane neSekhukhune United ngo-1-1.
Kowe-AM uJohnson ubuyise uDu Preez obekhona nakoweSekhukhune. Lo mdlali, oyibamba ohlangothini lwesokudla aphinde abe umgadli, uyeke cishe amagoli amathathu esebhekene ngqo nonozinti, uPatrick Nyame, weThwihli Thwahla.
UJohnson umvikelile uDu Preez osashaye igoli elilodwa emuva kwemidlalo engu-11 aseyidlalile kule sizini.
"Sikhumbule ukuthi u-Ashley uhlale isikhathi eside engadlali. Empeleni wenze ebesingakulindele. Besingakulindele ukuthi adlale imizuzu eminingi kangaka. Ukube uyibhakuzisile inethi ngabe uyiqhawe. Ngebhadi lokho akwenzekanga. Usesimeni esihle. Ngilindele ukuthi awashaye amagoli ngoba uyakwazi ukukwenza lokho.
Okuhle ukuthi noKeagan (Dolly) ubuyile. Udlale imizuzu embalwa. Sinethemba lokuthi maduze bonke bazokwazi ukuqala baphinde bayiqede imidlalo," kubeka uJohnson nokho ongakufihlanga ukuphoxeka ngebhola elidlalwe ngabafana bakhe.
"Akuwona umphumela ebesiwubhekile njengoba siphuma ekhefini. Abafana bami abadlalanga ibhola elihle. Siyeke inqwaba yamathuba sesibhekene ngqo nonozinti weRoyal AM. IChiefs yiqembu lekhethelo yingakho ngifuna idlale ibhola lezinga eliphezulu."
Uqhube wathi:" Leli bhola esilidlalile lilindeleke uma kuqala isizini. Okubuhlungu wukuthi siqhubeka nalo nakuba sesisemlenzeni wesibili weligi.“
Ngalo mphumela, iChiefs iyeke ithuba lokwedlula izimbangi zayo ezinkulu, i-Orlando Pirates. Amakhosi alele endaweni yesithupha ngamaphuzu awu-25 emidlalweni ewu-17.
Ngesikhathi umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ekhetha iqembu lokugcina ebelikwi-Afcon, kukhona abamsole ngokushiya uDu Preez. Empeleni akuyanga noyedwa umdlali waMakhosi e-Ivory Coast.
UJohnson uthe akumkhathazi ukungabizelwa kwabadlali bakhe eqenjini lesizwe.
"Kusukela kudala baningi abadlali beChiefs abasezingeni lokudlala kwiBafana. Okumele sikwenze njengamanje ukubamba umgqigqo wokudlala kahle. Ngaleyo ndlela abadlali bethu bazobuyela eqenjini lesizwe. Angikhathazekile nakancane, kumele sinyuse izinga. Ikusasa labadlali bethu liqhakazile eqenjini lesizwe,“ kusho yena.
NgeSonto Amakhosi azobhekana neMilford koweLast 32 Nedbank Cup, eFNB Stadium, eNasrec. UJohnson uthe uzofika lo mdlalo bewulindele.