OWAYENGUNOZINTI weKaizer Chiefs, uBrilliant Khuzwayo, uchoma uphaphe lwegwalagwala kumqeqeshi wonozinti uRainer Dinkelacker, osanda kushiya iqembu.
UKhuzwayo wafikela kuDinkelacker ngo-2012, eNaturena, ezobanga ijezi nonozinti abaseqophelweni eliphezulu okuhlanganisa u-Itumeleng Khune, uReyaard Pieterse osekwiMamelodi Sundowns, noBruce Bvuma osavimbela Amakhosi namanje. UDinkelacker (75) waseGermany, ubuye amahlandla amathathu kwiChiefs. Wafika okokuqala ngo-1999, wahamba ngo-2013. Wabuya ngesizini ka-2015/2016 kodwa waphindela ekhaya ekupheleni kwayo. UDinkelacker uphinde wabuyiswa eNaturena ekuqaleni kwesizini ka-2023/2024 esezoba ngumcebisi wonozinti abebeqeqeshwa ngu-Aubrey Mathibe. Konozinti beChiefs abadlule esandleni sikaDinkelacker kubalwa uBrian Baloyi, Rowen Fernandez, Kabelo Matsimetsi, Mathibe, Emile Baron nabanye.
UKhuzwayo uthe kuningi okutshalwe nguDinkelacker konozinti bakuleli obekuqala kubona kodwa kugcine kusabalale. Kunenkolelo yokuthi nguDinkelacker owafika nendlela yokuphasa ibhola ngobuchule konozinti beChiefs, eyaqala ukugqama kuFernandez kodwa yenyukela kwelinye izinga seyenziwa nguKhune.
“Ungomunye wabaqeqeshi bonozinti abaphezulu. Ngicabanga ukuthi yinqwaba yonozinti abancele kuyena okubalwa uRowen Fernandez, Brian Baloyi, Itumeleng Khune, Emile Baron, Brilliant Khuzwayo. Labo ngonozinti abawinela iChiefs izindebe, bangena naseqenjini lesizwe. Bonke baphume esandleni salowo muntu. Onozinti abayisihlanu abadlala kwi-Afcon, baya kwiNdebe yoMhlaba bephuma esandleni sikaRainer Dinkelacker. Wenze umsebenzi oncomekayo kwiChiefs,” kusho uKhuzwayo.
Okugqame kakhulu ngoDinkelacker, wukuzwana abekwakha konozinti beChiefs nokushubisa umbango wejezi kubona. Ngo-2013, uKhune wawina umklomelo wePSL Goalkeeper of The Season, wawudlulisela kuDinkelacker amchaza njengensika yakhe.
“Ngesikhathi ngifika kwiChiefs, wangitshela ukuthi ‘manje usuzoqala ukuba ngunozinti. Wangifundisa izinto eziningi. Uma ubheka nezinto ezincane ezigcine ziduma ziqale kwiChiefs. Ukungasusi ibhola ekhoneni lebhokisi kodwa silibeke phakathi nendawo, sakufundiswa nguyena. Lokhu kwenza ukwazi ukulisa nhlangothi zombili zenkundla. Manje bonke onozinti eMzansi sebeyakwenza. Wawushintsha umdlalo kuleli.
“Konke kwakuqala enkundleni yokuziqeqesha. Okunye afika nakho wukuthi ngaphambi kokushaya amaphenathi, sasijwayele ukubacwaninga abadlali beqembu esidlala nalo. Manje onozinti eMzansi sebeyakwenza. Kwafika naye. Okukhulu kunakho konke esakufunda kuyena, wukudlala ibhola ngezinyawo singonozinti. Lokhu wayekwenzela ukuthi sikwazi ukuphaselwa uma iqembu lethu lixinekile, lidinga ukuphuma ngoba sasiqala ibhola emuva,”kuchaza uKhuzwayo.
Njengoba iChiefs ilungela ukwamukela umqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi nethimba lakhe, onozinti sebeqalile ukusebenza no-Ilyes Mzoughi waseMauritania, ongene endaweni kaMathibe.