UHLALELE ethembeni lokuthola ikhaya kwiStellenbosch FC umdlali wasemuva, u-Omega Mdaka, ophenduke undingasithebeni emuva kokuxoshwa yiKaizer Chiefs.
UMdaka obeyibamba emuva kwesokunxele esikimini saMakhosi seDStv Diski Challenge, ukhonjwe indlela eNaturena nyakenye noPuso Dithejane. Lokhu kulandela ukwenqaba kwabo ukuba ngama-ball boy emdlalweni wesikimu esikhulu. UDithejane ucoshwe yiTS Galaxy.
UMdaka uphunyukwe yithuba lokusayina kuMaZulu, aziqeqeshe nawo ngenxa yokungavumelani kwamaqembu womabili ngemali. KwiStellies akukacaci ukuthi uzosayina nini ngoba kuvela ukuthi sekunesikhathi eziqeqesha nayo.
“Angikasayini kwiStellies kodwa konke kubukeka kuhamba kahle. Ngijima nezikimu zombili (eseDiski neseDStv Premiership). Kuyathembisa. Ngokusho kwabo konke kuzocaca ngoJuni. Ngingajabula kakhulu uma ngingagcina ngisayinile lapha ngoba iStellenbosch ngelinye lamaqembu aziwayo eMzansi ngokwenyusela esikimini esikhulu abadlali abasebancane,” kusho uMdaka.
UMdaka uziqeqesha neStellies nje, leli qembu lisethubeni elikhulu lokuwina iligi yeDiski okwesibili kumasizini amathathu. Iqembu eliholwa ngumqeqeshi u-Evangelos Vellios, ladla umhlanganiso ngo-2022. NgoMgqibelo, iStellies idinga ukuqoqa amaphuzu amathathu kwiLamontville Golden Arrows, emdlalweni ozokuba ngo-11.30 emini eTsakane Stadium, eGauteng.
Iseqhulwini kwi-log ngamaphuzu angu-66 emidlalweni engu-29. ISundowns isendaweni yesibili ngawu-63 emuva kwemidlalo engu-29. IStellies idinga ukushaya i-Arrows ukuze iphakamise indebe. Leli qembu lingayiwina iligi uma iSundowns ingahluleka ukuqoqa amaphuzu amathathu kwiSwallows, emdlalweni ozoqala ngo-9.30am.
UMdaka uthe ekhempini yeStellies akukho ukuzitshela ukuthi sebeqedile.
“Kukhona ukushuba kwesimo ekhempini. Abadlali bajabule kodwa bayazi ukuthi kufanele bagxilise imiqondo yabo. Bayakwazi okufanele bakwenze enkundleni,” kusho uMdaka.
IStellies ibeke amathemba kumgadli uMervin Boji, owayekhona ngesikhathi iwina iligi ngo-2022, noThulani Mini emthole kwiChippa United. Bobabili bathwese ubunzima amaqembu amaningi kwiDiski kule sizini futhi bashayela iqembu amagoli amqoka.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge:
NgoMgqibelo: AmaZulu v SuperSport United (Sugar Ray Xulu Stadium, 10am); Cape Town City v Kaizer Chiefs (Malta Park Sports Complex, 10am); Polokwane City v Orlando Pirates (Peter Mokaba Stadium, 10am); Mamelodi Sundowns v Moroka Swallows (Tsakane Stadium, 9.30am); Chippa United v TS Galaxy (Wolfson Stadium, 10am); Richards Bay v Cape Town Spurs (Chatsworth Stadium, 10am); Sekhukhune United v Royal AM (Isak Steyl Stadium, 10am); Stellenbosch FC v Golden Arrows (Tsakane Stadium, 11.30am).