UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, uqwashisa ngobumqoka bokungayiyeki ingqayizivele yethuba leBafana Bafana lokuzibekisela indawo koweNdebe yoMhlaba yango-2026 njengoba isenesithunzi e-Afrika.
Ukuzibekisela kweBafana indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) yaseMorocco ngendlela egculisayo kumhlabe umxhwele lo mqeqeshi waseBelgium. Uthe osekuduma ekhanda kuyena iNdebe yoMhlaba ezokuba se-United States of America (USA), Mexico naseCanada.
Ngokusho kukaBroos obe umqeqeshi wokuqala ukufaka iBafana kwi-Afcon ngezithukuthuku zayo amahlandla elandelana, imidlalo yangoMashi yokuhlunga kufanele kube iyona iBafana ekhombisa ngayo ukuthi isithunzi esinaso e-Afrika asisuki emoyeni.
Njengamanje iBafana ilele isibili ku-Group C kweyokuhlunga ngamaphuzu ayisikhombisa. Kuqhwakele iRwanda yize ibambene neBafana ngamaphuzu kanjalo neBenin esendaweni yesithathu.
Kweyesine iLesotho kulandele iNigeria neZimbabwe abanamaphuzu amahlanu, amathathu namabili ngokwahlukana.
Iqembu lesizwe elizodla iqoqo lingena ligijima kweyoMhlaba bese kuthi alala isibili aqhubeke neyokuhlunga.
“Sikhombise izinga eliphezulu kwi-Afcon ngoJanuwari kanti njengoba sisonga unyaka nje kusobala ukuthi likhona elinye igiya esilifakile,” kusho uBroos kwabezindaba emuva kokunqoba kwiSouth Sudan ngo 3-0 eKapa ngoLwesibili. Ngalo mphumela elakuleli liqede liqhwakele eqoqweni futhi lingakaze lishaywe.
“Lokhu akusho ukuthi sekufanele sikhukhumale kepha kufanele kusikhuphulele ukuzethemba ngokuthi asizikhohlisi uma sithi iqembu lethu selihlangene.
“Igxathu elilandelayo ukuthi sizibekisele indawo koweNdebe yoMhlaba ngoba ngokubona kwami sikulungele lokho. Njengoba sisenesithunzi e-Afrika kufanele sikusebenzise lokho ukuzibekisela indawo kweyoMhlaba,” kuqhuba uBroos.
Kuyamchaza ukukhombisa kwabadlali bakhe ukuqina kokhakhayi njengoba imidlalo ilokhu iqhubeka.
“Ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi sinenqanawe yeqembu elibunjwe ngenqwaba yabadlali abangabaholi. Lokhu kukodwa kuyithuluzi elanele uma ukuhlanganisa nesithunzi esinaso ngenxa yokuvunywa yimiphumela yakamuva.
“IBafana ibumbene futhi bonke abadlali bazimisele ukufela enkundleni okuyisinongo esimqoka uma ufuna ukuzifaka emqhudelwaneni omkhulu njengeNdebe yoMhlaba,” kusho uBroos.
NgoMashi iBafana izokwamukela iLesotho ekhaya iphinde ivakashele iBenin. Elakuleli lagcina ukudlala eNdebeni yoMhlaba ngo-2010 iNingizimu Afrika ingosokhaya. Lagcina ngo-2002 eKorea/Japan ukuzifaka ngezithukuthuku zalo.