UKUBA yingxenye yeBafana Bafana ebikwi-Africa Cup of Nations (Afcon) kwenze unozinti waMaZulu FC, uVeli Mothwa, wayiqonda inhlanhla anayo ngokuba seqenjini lesizwe yingakho ekukhohlwe konke wabheka indlela angafaka ngayo isandla.
Ngesikhathi kuqhubeka i-Afcon osekungumlando ukuthi iBafana ibuye kuyona nendondo yethusi, lo nozinti woSuthu uzifake ezinhliziyweni zabalandeli bebhola abaningi baseNingizimu Afrika ngendlela abenakekela futhi ekhuthaza ngayo ozakwabo yize ebeqiwa yijezi.
Nakuba i-Afcon ize yaphela engakaze alithole (ijezi) kodwa uMothwa ubehlale njalo ephambili ngokuqinisekisa ukuthi izidingo zalaba abadlalayo zihlale zimi ngomumo. Ubengakhathali nangokubagqugquzela futhi injabulo ibibhalwa ebusweni uma sebephumelele ozakwabo abebesenkundleni.
Akujwayelekile lokhu ikakhulukazi uma kwenziwa umdlali ongadlali aphinde akwenze ngokumamatheka.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba uMothwa uthinte indaba yakhe kwiBafana wase echaza nangokuthi uwuhlobu luni lomuntu umqeqeshi waleli qembu lesizwe, uHugo Broos.
“Ukuqonda inhlanhla yokuba seqenjini leBafana kukufundisa ukuba ngumuntu onesineke ngezidingo zabanye nokukwazi ukulinda ithuba lakho ngenhlonipho,” kusho uMothwa.
“Iqiniso ngokuqonda le nhlanhla ukuthi ikunika injabulo okunzima ukuyichaza okwenza kube lula ukuthi uzihluphe nangezidingo zabanye inqobo uma kuzohlomula iqembu.
“Ukuthi uyadlala noma ukhuhla ibhentshi akusho lutho kodwa ukuba khona kuyisipesheli futhi kuyasiza nokuqonda ukuthi ukhethwe nabadlali abangcono kunabo bonke ezweni ngakho-ke lokho kukodwa kukwenza uzithobe.
“Kukimina ngaphakathi ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu ukahle emoyeni. Akukona kwiBafana kuphela kepha nakuMaZulu yinto efanayo,” kuqhuba uMothwa.
Ngokwalo nozinti, uBroos amchaze njengobaba wekhaya uyena owukhiye kukona konke okuhle okwenzeka kwiBafana.
“Uhlalisana phansi azifundise ngabadlali ngabanye bese efaka lokhu akufakayo. Uma ekubizele kwiBafana ukunika konke ukwesekwa ongakudinga ngakho-ke bonke abadlali bazimisele ukufela enkundleni ngenxa yakhe.”