BAKHUTHAZWA ngokuthi bangalilahli ithemba lokugcina bedlala esikwatini esikhulu abadlali beMamelodi Sundowns abayibamba kwiDStv Diski Challenge.
USinethemba Badela, ongumqeqeshi weSundowns kwiDiski, uphosele inselelo abadlali bakhe ukuthi bakulwele ukuthola indawo esikwatini esidlala kwiDStv Premiership kunokuthi kulokhu kulandwa abadlali abayizibabuli abatholwa ngemali eshisiwe.
UBadela unikezwe umsebenzi wokupheka leli qembu ekuqaleni kwesizini yeDiski ka-20223/2024 emuva kokugudluzwa kukaSurprise Moriri. Kubadlali anabo eqenjini lakhe kukhona asebedlalile esikimini sePremiership kodwa asebelizwa ngendaba ijezi ngaphansi kukaRhulani Mokwena.
Kulaba badlali kukhona uSiyabonga Mabena, Ntandoyenkosi Nkosi, Jerome Karelse nabanye. Laba badlali kungenzeka bazithole sebegxila kwiDiski kulandela ukusayina kwabadlali abasezingeni eliphezulu esikimini sikaMokwena okubalwa kubona uThembinkosi Lorch, obeyibamba kwi-Orlando Pirates, Matías Esquivel wase-Argentina noZuko Mdunyelwa ophuma kwiChippa United.
“Abadlali beqembu leDiski banayo indawo esikimini esikhulu. Basebancane kodwa kufanele bazi ukuthi ukuze bayenze eyabo indawo kufanele benze kahle. Lesi sigaba sesilula kubona, kufanele banyuse izinga. Umqeqeshi wesikimu esikhulu akesabi ukunikeza ithuba abadlali abasebancane. UMabena usevele udlalile khona, uNtando Nkosi usedlalile kwiChampions League, uNtando Buthelezi naye usedlalile ngakho akesabi ukunikeza abafana abancane ithuba,” kusho uBadela.
“Kodwa kufanele bathole ithuba uma libafanele. Kufanele balisebenzele. Kufanele benze kahle lapha ukuze bezonikwa ithuba lokudlala noma ngabe yimizuzu eyisihlanu noma eyishumi. Kufanele bakukhombise lokho kumqeqeshi. Akukhona okomqeqeshi ukuthi abanike ithuba, kufanele bakhombise ukuthi bafuna ukunikwa ithuba. Akukho ukunikela ngesikimu. Esikimini esikhulu liphezulu izinga. Abanye babo bayalithola ithuba lokuziqeqesha nesikimu esikhulu, bayalazi izinga okufanele bafinyelele kulona ngaphambi kokuthi umqeqeshi abanike ithuba.”
Kwi-log yeDiski iSundowns isendaweni yesibili ngamaphuzu angu-41 emuva kwemidlalo engu-19. Isele ngamagoli kwiPirates esesicongweni ngamaphuzu alinganayo nayo nemidlalo elinganayo. Umjaho wesicoco kubukeka uyoze ufinyelele ekupheleni kwemidlalo njengoba kuhlala kwenzeka kuwona wonke amasizini eDiski. UBadela, obeqeqesha i-All Stars kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule, unengcindezi yokubuyisa isithunzi seSundowns kwiDiski.