UMDLALI wasesiswini kwiStellenbosch FC, uSbongiseni Mthethwa, uthi bazovuka bazithathe uma sebebhekene neMamelodi Sundowns koweNedbank Cup yize sebeshaywe imidlalo emibili yeligi ilandelana.
Kulo mdlalo wama-quarterfinal iStellenbosch izotholana phezulu neSundowns e-Athlone Stadium, eKapa, NgoMgqibelo ngo-6 ntambama, okungomunye wemidlalo yama-quarterfinal eNedbank Cup ebhekwe ngabomvu kule mpelasonto.
IStellenbosch iza kulo mdlalo nje, izikhotha amanxeba njengoba isishaywe imidlalo emibili yeligi ilandelana, yiKaizer Chiefs ngo-2-1, okulandelwe ngesinye isibhaxu sika-3-1 esithole kwiRoyal AM.
La maqembu asehlangana okwesithathu kule sizini njengoba emzuliswaneni wokuqala wesizini koweligi, iSundowns ixebule iStellenbosch ngo-3-0, kwathi emzuliswaneni wesibili ngoMashi 5, zabambana ngo-1-1 emdlalweni owawuseDanie Craven Stadium, eStellenbosch.
“Yebo, ukushaywa imidlalo emibili ilandelana akusiyo into emnandi kunanoma yiliphi iqembu kodwa engingakusho ukuthi lokho sesikudlulisile ngokushesha, futhi siwabonile amaphutha ethu.
“Kuyinto ekhona futhi esingeke siyibalekele ukuthi umdlalo womkhumulajezi uvame ukwehluka kunoweligi futhi nendlela abaqeqeshi abayihlelela ngayo iyahluka, kanjalo nabadlali baya kuwona becabanga ngendlela ethe ukwehluka.
“Ngakho-ke ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi lo mdlalo esiyowudlala neSundowns siwuthatha njengohlukile kunalona weligi esisanda kuwudlala esihlulwe kuwona yiRoyal AM, ngakho ngeke sizithele ngabandayo.
“Yize iSundowns iyiqembu okuhlale kungelula neze ukubhekana nalo kodwa okusiqinisa idolo njengoba siyobhekana nabo wukuthi akukapheli sikhathi eside sidlale nabo, ngakho siyakwazi esikulindele kubona nokufanele sikuqaphele uma sesibhekene nabo,” kusho uMthethwa, odabuka eMtshezi, nowaqala ukubonakala kwiRoyal Eagles (esiyiRoyal AM) ebholeni elikhokhelayo.
IStellies ifinyelele esigabeni sama-quarterfinal ngokubhaxabula iTS Galaxy ngo-6-3 emzuliswaneni weLast 16, kanti ngaphambi kwalokho, ikhiphe iSwallows FC ekuseni ngokuyixebula ngo-3-0 kwiLast 32.
AmaSandawane afinyelele kuma-quarterfinal ngokubhaxabula iMartumo Gallants ngo-3-1 koweLast 16, kanti futhi yiwona angompetha abavikela lesi sicoco seNedbank Cup.
Imidlalo yeNedbank Cup:
Namuhla:
Ngo-3pm:
Dondol Stars v Orlando Pirates (Peter Mokaba Stadium)
Ngo-6pm:
Stellenbosch FC v Mamelodi Sundowns (Athlone Stadium)
Kusasa:
Ngo-3pm:
Chippa United v Sekhukhune United (Nelson Mandela Bay Stadium)
Ngo-6pm:
Royal AM v Kaizer Chiefs (Chatsworth Stadium)