Umdlali osemncane we-Orlando Pirates, u-Azola Matrose, udalula ubunzima bokuthola isikimu eqenjini elibophele inqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu.
UMatrose (20), usayine kweZimnyama esuka kwiChippa United, ekupheleni kwesizini ka-2022/2023 kodwa wabolekiswa kuyona iChilli Boys. Ubuyile kwiPirates ekuqaleni kwesizini ka-2023/2024 kodwa walimala engakadlali nowokubika umdlalo esikimini esikhulu. UMatrose ubonakale emidlalweni yakamuva edlala esikimini seDStv Diski Challenge, esiqeqeshwa nguJoseph Makhanya.
Esikimini esikhulu, uMatrose ubanga indawo nabanye phakathi kwabo kubalwa uKabelo Dlamini, Katlego Otladisa, Monapule Saleng, Karim Kumvuidi, Vincent Pule, Relebohile Mofokeng abeyibambe naye kwiDiski.
“Ngizizwa ngibalulekile njengoba ngilapha ngoba ngelinye lamaqembu amakhulu ezwenikazi leli. Unzima umbango wezindawo esikimini esikhulu ngoba kukhona abadlali abasezingeni eliphezulu. Ngakho akulula. Kodwa ngikulungele ukuhlala ngilwe ngoba ngiyafunda kubona futhi nabo bayafunda kimina,” kusho uMatrose.
Uthe ukudlala kwiDiski akakuboni njengokubuyela emuva ngoba ezilungiselela ukuyothola indawo esikimini esikhulu sikaJose Riveiro. Lo mqeqeshi uthuse iningi enyusela uMofokeng esikimini esikhulu futhi wamdlalisa ekubeni eZimnyama zishaya ngenqwaba yabadlali abanesipiliyoni abadlala endaweni yakhe.
“Kuyangigqugquzela ukubona uRele (Mofokeng) edlala esikimini esikhulu ngoba siyalingana. Ngimshiya ngonyaka. Ngakho uma ngidlala naye ngiyabona ukuthi ngingayibamba esikimini esikhulu. Akukhona ukuthi umqeqeshi akakholelwa kimina uma ngehlela ezansi. Uyakholelwa kimina. Kuseyisikhathi. Uma sekufike isikhathi, ngizolithola ithuba lokudlalela isikimu esikhulu,“ kusho uMatrose.
“Ukudlala kwiDiski akusikhona ukubuyela emuva. Kuwukuthi ngilinde isikhathi sami ngoba kade ngilimele. Sekuphele isikhathi esicishe sibe wunyaka ngingadlali. Ngakho ngeke ngivele ngigxume ngiye phezulu. Kumele ngiqale lapha, ngikhuphuke. Uma sengibona ukuthi sengilungele ukuya khona, ngizonyuka.”
UMakhanya uthe:“U-Azola Matrose ubengadlali iminyaka emibili. Ngakho siyamsiza ukuthi abuyele egiyeni ukuze uma simdlulisela kumqeqeshi uJose, afike esekulungele ukudlala. Usenakho ukwesaba kwazise ubelimele iqakala. Ngakho siyamjwayeza.”
IPirates ivale unyaka isendaweni yesihlanu kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-25, emuva kwemidlalo engu-16. Izobuyela enkundleni ngoFebhuwari 13 uma isiyamukela iChippa United emdlalweni weligi e-Orlando Stadium, eSoweto.