IMQINISE idolo indlela iqembu lesizwe le-netball elilwe ngayo emdlalweni wokuqala phesheya umqeqeshi walo uNorma Plummer, nakuba ligcine liguqiswe yi-Nengland ngo 54-51 e-AO Arena, eManchester, ngoLwesibili ebusuku.
AmaProteas namaRoses bagcina ukuhlangana kwiNetball Quad Series eKapa ngoJanuwari. Babhekane kabili kulo mqhudelwano, umdlalo owodwa waphela zibambene, owesibili wanqotshwa yi-England.
Iqembu lasekhaya liwuqale ngamandla owangoLwesithathu liwajezisa amaphutha abenziwa elakuleli, kwaphela amakota amabili lihamba phambili ngo 30-22.
AmaProteas abuye nomfutho ekoteni yesithathu, alinciphisa igebe laba ngamaphuzu ayisikhombisa. EzikaPlummer ziyinqobe ngo 15-11 ikota yesine kodwa umdlalo wagcina uthathwe yi-England ngo 54-51.
“Kungenzeka ukuthi i-England isisizile ngasekupheleni komdlalo ngokwenza izinguquko ezimbalwa. Ikota yokuqala iphoxile ngoba sililahle kaningi ibhola. Ngokubona kwami, lokhu kudalwe wukuthi besinabadlali abangakaqini ukhakhayi,” kusho uPlummer.
“Siyazama ukubakhombisa okufanele bakwenze uma siziqeqesha kodwa kwesinye isikhathi kumele bazibonele emdlalweni ukuze baziqonde. Sebezizwele ukuthi kunjani ukudlala kuleli zinga. Abanye babo bebeqala ukudlala ne-England. Liningi ithalente. Lidinga ukuhlanganiswa.”
AmaProteas azothola ithuba lokukhombisa akufundile uma la maqembu esebhekana emidlalweni emibili yokugcina eMotorpoint Arena, eNottingham, ngoMgqibelo ngo-7 ebusuku nangeSonto ngo-4 ntambama.
“Kufanele sixhumane kangcono siphinde silekelelane enkundleni. Siyayihlaziya imidlalo sibakhombise amaphutha nokuthi yikuphi abakwenze kahle. Okuhle wukuthi uma ubakhombisa lezi zinto uyalubona ushintsho, okuyinto ekuthokozisayo njengomqeqeshi.
“Abanye balaba badlali bazogijima kwiSuper League ngonyaka ozayo, ngakho siyethemba ukuthi iNingizimu Afrika izozuza lukhulu kubona ibe nabadlali asebedlale emiqhudelwaneni ephezulu uma sekudlalwa iNdebe yoMhlaba ka–2027,” kusho umqeqeshi odabuka e-Australia osezoshiya maduze kumaProteas.
Bayisishiyagalombili abadlali bamaProteas abasayiniswe amaqembu ahlukene ase-England, Scotland naseWales, adlala kwiNetball Super League.
U-Elmere van der Berg noShadine van der Merwe bazojoyina iManchester Thunder, uKhanyisa Chawane uzodlalela iCeltic Dragons kanti uLefebre Rademan uthathwe yiSevern Stars.
Iqembu elidle isicoco kulo nyaka, iLoughborough Lightning, likhethe uNicola Smith, uNichole Taljaard uzodlalela iLondon Pulse, u-Owethu Ngubane aye kuStrathclyde Sirens bese u-Ine-Mari Venter ejoyina iSaracens Mavericks.