LIYAZWELA ijoka kubadlali beKaizer Chiefs abanengcindezi yokushintsha izinto kuleli qembu okusobala ukuthi lizoqeda enye isizini ngaphandle kokuphakamisa indebe.
Nakuba ngokwezibalo, Amakhosi esenalo ithuba lokugudluza iMamelodi Sundowns esicongweni se-log yeDStv Premiership kodwa kubukeka kuzoba wumqansa. IChiefs isiqede iminyaka eyisishiyagalolunye yagcina ukuphakamisa indebe. Ngempelasonto edlue, iphoxe iningi ngesikhathi ikhishwa yiqembu elidlala kwiMotsepe Foundation Championship, iMilford, kwi-Last 32 yeNedbank Cup. Lokhu kunyakazise ngisho izinkakha zeChiefs ezigxeke abadlali ngokungalihloniphi igama leqembu.
Isitobha, uGiven Msimango, sithe bayakuqonda ukugxekwa kwabo.
“Bonke abantu banelungelo lokuzwakalisa imibono yabo. Bakusho lokhu ngoba balenzele okuhle iqembu eminyakeni edlule. Siyakuhlonipha lokho singabadlali. Sesiyakuqonda ukuthi uma udlalela iqembu elikhulu njengaleli uzogxekwa uma izinto zingahambi kahle, uma ungadlali kahle. Kufanele wenze kahle uma udlalela iKaizer Chiefs. Siyakuqonda ukudumala kwabo ngokwamazwi abo uma bekhuluma kwabezindaba. Kodwa esikucelayo wukuthi baqhubeke nokuba nethembela kubadlali bamanje. Yisizukulwane esisha, siletha okuhlukile kuleli qembu. Ngebhadi okwamanje ngeke kubonakale ngoba imiphumela ayikho kodwa uma ubuka indlela esidlala ngayo kwiligi, iyazikhulumela,” kusho uMsimango.
Abalandeli beChiefs bahlukene phakathi. Abanye bakhomba ubuhlathi ehhovisi elikhulu elithatha izinqumo, abanye bakhomba izinga eliphansi labadlali. Okusobala wukuthi siyaqhubeka isomiso sezindebe eNaturena.
“Siyakuqonda ukuthi baphoxekile. Ngiyakuqonda ukuthi baphatheke kabi futhi siyakuqonda ukuthi kade belibekezelela iqembu mayelana nemiphumela kodwa ngifuna bazi ukuthi nathi sizizwa kanjalo. Izinkinga esinazo zithinta ibhola. Asingabhekisi iminwe yethu kubaphathi noma kunoma ubani ongalidlali ibhola enkundleni. Iminwe kufanele ibhekiswe kubadlali futhi siyakwamukela lokho,“ kusho uMsimango.
IChiefs inengcindezi yokubuyisa isithunzi ngoMgqibelo uma isibhekene neMoroka Swallows koweligi eFNB Stadium, eNasrec, ngo-5.45 ntambama. Amakhosi asendaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu angu-25 emuva kwemidlalo engu-17. Azobhekana neSwallows ehaqwe yizinkinga zokungaholelwa kwabadlali emasontweni adlule, yashiywa ngumqeqeshi, uSteve Komphela.
“Siyafunda futhi siyazizwa izinto eziningi ezenzeka kwiSwallows. Ngiyaziqonda ngoba ngidlalile eqenjini elincane (TS Galaxy) ngaphambi kokujoyina iChiefs. Iqembu ngalinye liyabhekana nezingqinamba kwesinye isikhathi. Kusezandleni zabadlali ukushintsha izinto. Abaphathi bengakhuluma, benze lokhu nalokhuya, kodwa ekugcineni abantu abangena enkundleni yibona abangashintshela iqembu izinto,” kusho uMsimango.
“Angibhekile ubunzima ababhekene nabo ngoba siya kulo mdlalo ngoba wumdlalo webhola. Kungenzeka noma yini. Bengathola ukugqugquzeleka kulokhu okwenzekile ezinyangeni ezedlule eqenjini. Ngakho lokho akunawo umthelelo emdlalweni esizowudlala nabo. Baneqembu elihle. Sengike ngabhekana nabanye abadlali, abanye bebengozakwethu. Basesezingeni eliphezulu phezu kokuhamba kwabanye nomqeqeshi. Akushintshi ukuthi baneqembu elihle nomqeqeshi omuhle uMusa (Nyatama).”
Imidlalo yangempelasonto yeDStv Premiership:
NgoMgqibelo: Ngo-3.30pm: Polokwane City v Orlando Pirates (Peter Mokaba Stadium).
Ngo-5.45pm: Kaizer Chiefs v Moroka Swallows (FNB Stadium).
Ngo-8pm: Richards Bay v Royal AM (King Zwelithini Stadium).
NgeSonto: Ngo-3.30pm: Cape Town Spurs v TS Galaxy (Athlone Stadium).
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Namuhla: Ngo-3.30pm: Milford FC v Hungry Lions (Princess Magogo Stadium)
Ngo-7.30pm: Maritzburg United v NB La Masia (Sugar Ray Xulu Stadium)
NgoMgqibelo: Ngo-3.30pm: JDR Stars v Upington City (Soshanguve Giant Stadium); Casric Stars v Black Leopards (Solomon Mahlangu Stadium); Pretoria Callies v Marumo Gallants (TUT Stadium); Venda FC v Orbit College (Thohoyandou Stadium).
NgeSonto: Ngo-3.30pm: Platinum City Rovers v University of Pretoria (Isak Steyl Stadium); Magesi FC v Baroka FC (Old Peter Mokaba Stadium).