KUZOCACA ngeSonto ntambama ukuthi iHollywoodbets Sharks isiqalile ngempela ukuhlangan, noma ukunqoba kwayo emdlalweni wakamuva bekuwumlilo wamaphepha.
Leli qembu laseThekwini lizotholana phezulu neToyota Free State Cheetahs emdlalweni weChallenge Cup eToyota Free State Stadium ngo-3 ntambama.
Uma ubheka uhlu lwabadlali la maqembu anabo ezikwatini zawo, lo mdlalo ubukeka njengempi kaDavide noGoliyathi ngenxa yokuthi iSharks ihlome ngenqwaba yabadlali abamnkantshubomvu kanti iCheetahs ibophele abadlali abasebancane.
Womabili aqale lo mqhudelwano ngegiya elihle. ISharks ibhaxabule iSection Paloise yaseFrance ngo 45-5 eHollywoodbets Kings Park ngoMgqibelo odlule, kwathi iCheetahs yadlula ngo 33-15 eqenjini lase-Italy, iZebre.
Kube wumphumela iSharks ebiwudinga kakhulu kwazise ibigcine ibulewe induku yiVodacom Bulls kowe-United Rugby Championship, okuwumqhudelwano engawuqalanga neze kahle.
Umqeqeshi wawo, uJohn Plumtree, uphumele obala ngokuthi babekele abadlali abanamava abebeseqenjini lamaBhokobhoko elinqobe iNdebe yoMhlaba inselelo yokufukula iqembu. Lokho kubonakele ngesikhathi benqoba iPau njengoba uLukhanyo Am no-Eben Etzebeth beshaye ama-try amabili ngamunye, kwathi uMakazole Mapimpi naye weqa umugqa kanye.
Osekubhekiwe wukuthi ngabe iqembu likaPlumtree lizoqhubeka yini nokuzimisela uma selibhekene nabafana abancane beCheetahs, abaholwa ngumakadebona we-scrumhalf, uRuan Pienaar, owake wagijima kwiSharks.
UPienaar (39) ukhombisile ukuthi ubaluleke kangakanani kwiCheetahs eshaya ama-conversion amathathu namaphenathi amane behlula iZebre. Ubumqoka bakhe abupheleli ekukhahleleni kuphela kodwa yonke into eyenziwa yileli qembu laseFree State enkundleni iqala kuyena.
Yize engemaningi amagama aqaphelekayo uma ufunda uhlu lwabadlali beCheetahs kodwa kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu lingompetha bomqhudelwano wasekhaya, iCurrie Cup. Linabo futhi abadlali abayingozi njengoCohen Jasper, oseke wafaniswa noCheslin Kolbe, uSiba Xamlashe, Tapiwa Mafura nabanye, abangadala izinkinga ngejubane labo.
Umqeqeshi weCheetahs, uHawies Fourie, uthe: “Kuyinselelo enkulu kithina ukudlala neqembu elinenqwaba yamaBhokobhoko nabanye abadlali abasezingeni eliphezulu kodwa yilokho esikuthandayo ngokudlala emqhudelwaneni ofana nalona. Sifuna ukudlala namaqembu aqinile anabadlali abaziwayo ukuze sibone ukuthi sesikuliphi izinga.”