UMQEQESHI weqembu lebhola lamantombazane lase-Edendale Technical High, uthi ubona seluqala ukuthela izithelo uhlelo olwasungulwa ngamalungu omphakathi wase-Edendale, eMgungungodlu. Bakwenza lokhu ngokubambisana nabaqeqeshi bebhola lokuvundulula ithalente lamantombazane nabafana abasakhula ezikoleni zakule ndawo.
UNtombifuthi “Muchichwa” Khumalo, usekhaleni lohlelo olwaziwa ngeFNB Football First olwaqalwa ngonyaka ka-2011, wumphakathi ngokubambisana nabaqeqeshi abangaphansi kwezinhlaka zeSouth African Football Association (Safa), e-Edendale namaphethelo.
Lapha kusetshenziswa inkundla yebhola iWadley Stadium, ese-Edendale, ukucobelela ngolwazi lwebhola nokuqeqesha amantombazane nabafana abaneminyaka esukela ku-13 kuya ku-15 ubudala.
“Ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi uhlelo lweFNB Football First esaluqala ngo-2011, lwenza umehluko omkhulu ekuvundululeni ithalente labadlali abasebancane, ikakhulu abamantombazane futhi seluyaqala ukuthela izithelo manje.
“Ukubambisana esinakho nabazali bezingane kwenza umehluko, nomsebenzi wethu njengabaqeqeshi ubalula. Yize ziba khona lezo zingqinamba lapha nalaphaya kodwa iyabonakala inqubekela phambili,“ kubeka uKhumalo.
Uqhube wathi ukwenza kahle kweqembu labo lesikole emiqhudelwaneni yezikole kuze kwaholela ekutheni abadlali babo abathathu okungu-Olwethu Sosibo, uFanele Madonsela, noNobahle Mbhele, babizwe eqenjini lesizwe lika-Under 17 “Abantwana”, okube yinto enkulu kubona.
“Ngicabanga ukuthi lapha eNingizimu Afrika, uma ibhola lamantombazane lingathuthukiswa futhi linakekelwe ezikoleni, nabaqeqeshi besifazane bacijwe ngamakhono okuqeqesha, lingathuthuka ibhola labesifazane. (Kanti) namaqembu ethu esizwe njengeBanyana Banyana namanye angathola abadlali abasezingeni eliphezulu kakhulu.
“Futhi-ke singayisika iphethini nasezweni iMorocco, ngendlela elenza ngayo ekuthuthukiseni abadlali abasakhula, nebhola lezikole okubalwa nelamantombazane,” kusonga uKhumalo.
UKhumalo uthi uhlelo luholele ekutheni iqembu lebhola lamantombazane lesikole i-Edendale Technical High, lenze ezibukwayo emiqhudelwaneni yebhola lezikole.
NgoFebhuwari nyakenye iqembu lesikole lika-Under 16 lamantombazane lafinyelela kowamanqamu wePan African Schools Championship, eKinshasa, eDemocratic Republic of Congo (DRC), laguqiswa yisikole saseMorocco.
Kwathi ngoNovemba, ladla umhlanganiso emqhudelwaneni iCaf African Schools Championship eLilongwe, eMalawi, liqhudelana nezikole ezazimele amazwe ase-Afrika eseNingizimu (Cosafa).
Lazibekisela indawo emqhudelwaneni wezinga lezwekazi iCaf African Schools Football Championship obudlalelwa eThekwini ngeledlule, nakuba lingaphumelelanga kuwona.
Uhlelo lweFNB Football First alugcin ngokwelekelela izikole zase-Edendale, kodwa seluzale neqembu lebhola labesifazane lakhona kule ndawo elingaphansi kwenhlangano engenzi nzuzo, iDlala Ntombazane.
IDlala Ntombazane FC eqeqeshwa nguye uKhumalo, nebophele iningi labadlali abafunda e-Edendale Technical High, lisanda kukhushulelwa esigabeni seSafa Sasol Women’s League, ngemuva kokudla umhlanganiso ngoJanuwari, kumaPlay-Off esifundazwe eSafa Region Women’s League abedlalelwa eThekwini.