XOLILE MPISANE
KUYAMKHATHAZA umqeqeshi wamaProteas, uRob Walter, ukuthi bayahluleka ukufeza izinhloso zokunikeza abadlali abahlukene amathuba baphinde baqhubeke nokuthola imiphumela emihle.
Iqembu lakuleli lekhilikithi labesilisa likhale ngaphansi ochungechungeni olusanda kusongwa lweT20 lapho linqotshwe khona yi-India ngo 3-1.
Uthe yize i-India nayo ibizishiye ngaphandle ezinye zezethenjwa zayo kodwa abadlali ebibabophele bakwazile ukuzibonakalisa, nokuyinto engenzekanga eqenjini lakuleli.
“Okwenze saqhudelana kahle eNdebeni yoMhlaba yakamuva wukuthi besiqoke abadlali bethu abangu-15 abahamba phambili. Ngeke sikwazi ukukhetha labo badlali njalo uma sidlala. Miningi kakhulu imidlalo edlalwayo. Kufanele sithuthukise abanye abadlali ukuze babe sezingeni elifanayo,” kusho uWalter.
“Yilokho okwenzeka eqenjini lase-India. Kunedlanzana labadlali abangekho njengamanje kodwa laba abakhona bayalikhuphula izinga, bafake ingcindezi kubadlali abajwayele ukuqala. Kunezikhathi lapho kufanele sidlalise khona abafana abancane ngisho ochungechungeni olunzima. Yilapho bezofunda khona kakhulu.”
Lo mqeqeshi uthe nakuba engakayitholi ingcindezi evela ngaphandle kodwa useqalile ukuzinuka amakhwapha ukuze abone ukuthi yini angayenza kangcono.
Izinkakha zamaProteas ezifana noHerschelle Gibbs noJohan van der Wath seziphumele obala zithi zikholwa wukuthi lo mqeqeshi ulibuyisela emuva iqembu.
“Wonke umqeqeshi uyaziqhenya ngomsebenzi awenzayo. Ekugcineni ukusebenza kweqembu kulele kimina. Ukulahlekelwa uchungechunge nemidlalo akuhlali kahle kimi. Akwehli kahle uma singayi phambili njengeqembu,” uqhube kanje uWalter.
“Kukhona lapho esingathuthukanga khona futhi lokho kuyadumaza. Ingabe ikhona ingcindezi eqhamuka ngaphandle? Cha. Ngizibuza mina imibuzo. Ngiyaziqhenya ngomsebenzi engiwenzayo. Ngifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi silimele kahle izwe, yilapho ingcindezi iqhamuka khona.”
UWalter uzothola isikhathi sokudla amathambo engqondo ngesikhathi iqembu lamaProteas leTest, eliphekwa nguShukri Conrad, lidlala uchungechunge lwemidlalo emibili neSri Lanka kusukela ngoNovemba 27.
Lo mqeqeshi uzobuya azohola iqembu emidlalweni emithathu ye-T20 kanye nemithathu ye-One-Day International (ODI) ne-Pakistan ngoDisemba.
xXOLILE MPISANE
KUYAMKHATHAZA umqeqeshi wamaProteas, uRob Walter, ukuthi bayahluleka ukufeza izinhloso zokunikeza abadlali abahlukene amathuba baphinde baqhubeke nokuthola imiphumela emihle.
Iqembu lakuleli lekhilikithi labesilisa likhale ngaphansi ochungechungeni olusanda kusongwa lweT20 lapho linqotshwe khona yi-India ngo 3-1.
Uthe yize i-India nayo ibizishiye ngaphandle ezinye zezethenjwa zayo kodwa abadlali ebibabophele bakwazile ukuzibonakalisa, nokuyinto engenzekanga eqenjini lakuleli.
Selokhu leli qembu lafinyelela kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba yeT20 ngoJuni selinqotshwe yiWest Indies ngo 3-0, labambana ngo 1-1 ne-Ireland njengoba seliphinde lashaywa yi-India.
“Okwenze saqhudelana kahle eNdebeni yoMhlaba yakamuva wukuthi besiqoke abadlali bethu abangu-15 abahamba phambili. Ngeke sikwazi ukukhetha labo badlali njalo uma sidlala. Miningi kakhulu imidlalo edlalwayo. Kufanele sithuthukise abanye abadlali ukuze babe sezingeni elifanayo,” kusho uWalter.
“Yilokho okwenzeka eqenjini lase-India. Kunedlanzana labadlali abangekho njengamanje kodwa laba abakhona bayalikhuphula izinga, bafake ingcindezi kubadlali abajwayele ukuqala. Kunezikhathi lapho kufanele sidlalise khona abafana abancane ngisho ochungechungeni olunzima. Yilapho bezofunda khona kakhulu.”
Lo mqeqeshi uthe nakuba engakayitholi ingcindezi evela ngaphandle kodwa useqalile ukuzinuka amakhwapha ukuze abone ukuthi yini angayenza kangcono.
Izinkakha zamaProteas ezifana noHerschelle Gibbs noJohan van der Wath seziphumele obala zithi zikholwa wukuthi lo mqeqeshi ulibuyisela emuva iqembu.
“Wonke umqeqeshi uyaziqhenya ngomsebenzi awenzayo. Ekugcineni ukusebenza kweqembu kulele kimina. Ukulahlekelwa uchungechunge nemidlalo akuhlali kahle kimi. Akwehli kakhle uma singayi phambili njengeqembu,” uqhube kanje uWalter.
“Kukhona lapho singathuthukanga khona futhi lokho kuyadumza. Ingabe ikhona ingcindezi eqhamuka ngaphandle? Cha. Ngizibuza mina imibuzo. Ngiyaziqhenya ngomsebenzi engiwenzayo, ngenzwe kanye namaProteas. Ngifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi silimele kahle izwe, yilapho ingcindezi iqhamuka khona.”