IMIPHUMELA yemidlalo edlule phakathi kweNingizimu Afrika neNew Zealand ngeke ibe nomthelela uma la mazwe esehlangene kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba yebhola lombhoxo ngoMgqibelo ngokusho komunye wabaqeqeshi beqembu lesizwe lakuleli, uDeon Davids.
AmaBhokobhoko azodudulana nezimbangi zawo ezindala ama-All Blacks eStade de France, eParis, ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku.
Womabili la mazwe azolwela ukuba yizwe lokuqala ukunqoba iNdebe yoMhlaba amahlandla amane. INew Zealand isibe ngompetha bomhlaba kathathu, ngo-1987, 2011, 2015. AmaBhokobhoko nawo aseyiphakamise kathathu le ndebe, ngo-1995, 2007, 2019.
Iqembu lakuleli lifinyelele kowamanqamu ngokulala isibili eqoqweni lalo, laphinde lashaya iFrance ngo 29-28 kuma-quarter-final ne-England ngo 16-15 kowandulela owamanqamu.
INew Zealand nayo iqede endaweni yesibili eqoqweni layo ngaphambi kokuhlula i-Ireland ngo 28-24 kuma-quarter-final kanye ne-Argentina ngo 44-6 kowandulela owamanqamu.
AmaBhokobhoko nama-All Blacks sebedlale imidlalo engu-105 kusukela ngo-1921. ElaseNew Zealand linqobe imidlalo engu-62, amaBhokobhoko engu-39, emine yaphela zibambene.
Sebedlale eyisihlanu eNdebeni yoMhlaba, iNew Zealand yanqoba emithathu, emibili yathathwa ngamaBhokobhoko. Basabhekane kanye kowamanqamu, ngo-1995, amaBhokobhoko aphuma phambili ngo 15-12 e-Ellis Park.
Bagcine ukuhlangana emdlalweni wokungcweka obuseTwickenham Stadium, eLondon, ngo-Agasti ngaphambi kokuthi kuqale iNdebe yoMhlaba.
UDavids uthe kungaba iphutha ukucabanga ngalowo mdlalo wokugcina kwazise ulindele impi ehlukile kwiNew Zealand ngoMgqibelo.
“Lona wumdlalo ohluke ngokuphelele kowokugcina. Womabili amaqembu afunde lukhulu emidlalweni aseyidlalile, iNew Zealand idlala umbhoxo ongcono kakhulu. Labo abasacabanga lo mdlalo bayazikhohlisa. Sizogxila kulokhu okumele sikwenze ukuze sibe sezingeni eliphezulu,” kuqhuba uDavids.
“Yisonto elijabulisayo. Uyaziwa umlando phakathi kwala maqembu, sesidlale nabo kaningi. Lona umdlalo omusha ngaphansi kwezimo ezintsha, kufanele sibe namaqhinga amahle bese senza okuqondile enkundleni. Kuzoba yimpi enzima.”
AmaBhokobhoko aziwa ngokuthembela emandleni abadlali bawo baphambili kanti ama-All Blacks adume ngokusebenzisa abadlali basemuva ukuthi bagijime nebhola, nokuyinto uDavids akholwa ukuthi izokwenza umdlalo wangoMgqibelo ube nohlonze.
“Womabili amaqembu adlala uhlobo oluthile lombhoxo kodwa siyalingana uma kukhulunywa ngamava nangamakhono. Lo mdlalo uzonqotshwa yiqembu elizodlala ezindaweni ezifanele zenkundla liphinde lisebenzise amathuba.
“Kumele sisebenzise ubuhlakani njengoba silungiselela lo mdlalo ukuze abadlali babe sesimeni esihle ngoMgqibelo.”
n Umlando wamaBhokobhoko neNew Zealand eNdebeni yomhlaba
n 1995 (kowamanqamu): AmaBhokobhoko 15-12 New Zealand
n 1999 (embangweni wendawo yesithathu): AmaBhokobhoko 22–18 New Zealand
n 2003 (kuma-quarter-final): New Zealand 29–9 AmaBhokobhoko
n 2003 (kowandulela owamanqamu): New Zealand 20-18 AmaBhokobhoko
n 2019 (kowamaqoqo): New Zealand 23–13 AmaBhokobhoko