KUZONCIKA kuStuart Baxter ukuthi uKgaogelo Sekgota uba ngumdlali omuhle ukubedlula bonke abasayiniswe yiKaizer Chiefs ngaphambi kwesizini ka-2021/2022 noma akafiki lapho elindelwe khona.
Lokhu ngumbono wenkakha yeChiefs, uJohannes “Chippa” Molatedi, odlale kwiChiefs ngeminyaka yawo-1980 ewola nayo izicoco.
NjengoMolatedi ofike kwiChiefs ngo-1984 esuka kwiMoroka Swallows, noSekgota (24) iChiefs imthenge kwiSwallows FC.
Omunye umdlali afikisane naye besuka kwiSwallows, nguNjabulo Ngcobo odlala emuva.
Kukhona noSifiso Hlanti noGiven Thibedi kodwa bona iChiefs ebibabolekisile komkhaya bayo, iziNyoni.
Kusuka kwiBidvest Wits kuya kwiSwallows adlale kuyo isizini eyodwa, uSekgota ukhombise ukuba yisikhwishikhwishi ophondweni kwesoludla lapho eqonda khona amadoda ngesivivi nangomjiko engena ebhokisini.
NakwiChiefs ukukhombisile lokhu engena esuka ebhetshini bedlala ne-Orlando Pirates kwiCarling Black Label Cup ngo-Agasti 1.
UMolatedi uthe uSekgota usethubeni lokuvelela ukubedlula bonke abadlali asayiniswe nabo, inqobo nje uma uBaxter ezomdedela adlale ngendlela ayijwayele naziwa ngayo.
“Impela uSekgota uyathembisa kakhulu. Nokho kulele kumqeqeshi ukuthi ngabe sizombona eba ngumdlali omuhle ukubedlula bonke afike kanye nabo noma uzophantsha,” kusho uMolatedi.
“Uyabona njengoba nenhloko yabaqeqeshi kungeyase-Europe, bukhona ubungozi bokuthi amuklamele indlela afuna adlale ngayo nokungaba yisithiyo kumdlali.”
Eminyakeni edlule uMolatedi wake waveza ukuthi efika kwiChiefs wakhethiswa phakathi kukanombolo-10 no-6 kodwa wakhetha le egcinile (6) ngoba wusuku azalwa ngalo.
USekgota yena ufike wagixatshezwa ngonombolo-14, ogcine ukugqama ugqokwa yinkakha yaleli qembu, uSiphiwe Tshabalala.
USekgota waseSeshego, eLimpopo, uqale ukubonakala kwiPolokwane United kodwa wayishiya eseya kwiFC Stumbras, eLithuania, ngo-2017.
Ngo-2019 uwelele kwiVitoria Setubal, yasePortugal, embolekise kwiWits nokuthe uma sekuphela ngayo wabe esedayiswa kwiSwallows, ayisize yaqeda ibalwa namaqembu ayisishiyagalombili aphezulu ngesizini yayo yokuqala kwiPremiership.