INHLANGANO eyengamele ibhola lombhoxo emhlabeni, iWorld Rugby, ikuqinisekisile ukuthi izophenya isigameko esihlanganisa umdlali weqembu lesizwe lakuleli, uBongi Mbonambi, osolwa ngokusebenzisa amagama anokucwasa ngokwebala.
UMbonambi usolwa ngokubhekisa la magama anokucwasa kumdlali we-England, uTom Curry, emdlalweni owandulela owamanqamu onqotshwe ngelakuleli, amaBhokobhoko ngo 16-15 eStade de France, eParis, ngoMgqibelo ebusuku.
Iphephandaba lase-England, iTelegraph, lifake umsindo oyisiqeshana emakhasini alo ezinkundleni zokuxhumana lapho kuzwakala khona okuthiwa nguCurry ekhuluma nonompempe, uBen O'Keeffe, ekhala ngokuthi kukhona okunganambithiseki okushiwo nguMbonambi kuyena.
Akukho okusaphumile lapho kuzwakala khona ngqo okushiwo yilo mdlali wamaBhokobhoko.
Umthetho oshicilelwe kwi-website yeWorld Rugby uthi: “Akekho umdlali onegunya lokuthuka umuntu. Lokhu kuhlanganisa ukucwasa ngokwenkolo, ngokwebala, imvelaphi, ubuzwe nobulili.”
Uma umdlali etholakala enecala lokwephula lo mthetho angamiswa isikhathi esisukela emasontweni ayisithupha kuya kwangu-52 (unyaka).
“I-World Rugby iyazisukumela zonke izinsolo zokucwasana. Singaqinisekisa ukuthi sizophenya ngokusemthethweni ngezinsolo ezenziwe nguTom Curry wase-England mayelana nokusetshenziswa kwamazwi acwasayo emdlalweni owandulela owamanqamu eNdebe yoMhlaba ka-2023 phakathi kwe-England neNingizimu Afrika ngoMgqibelo.
“I-World Rugby ngeke iphinde iphawule ngalolu daba kuze kuphothulwe uphenyo,” sifundeka kanje isitatimende esikhishwe yiWorld Rugby izolo.
Uma kwenzeka uMbonambi etholakala enecala kungenzeka amaBhokobhoko adlale owamanqamu neNew Zealand ngoMgqibelo engenaye umdlali ojwayele ukudlala indawo ye-hooker.
Lo mdlali nguyena kuphela osele eqenjini ojwayele ukudlala kule ndawo kulandela ukulimala kukaMalcolm Marx emidlalweni yamaqoqo.
Ithimba labaqeqeshi bamaBhokobhoko lanquma ukubiza uHandre Pollard, odlala kwi-flyhalf, ukuthi azothatha indawo kaMarx. Lakhetha ukuthembela kubadlali ababili abajwayele ukudlala kwi-flank, uDeon Fourie noMarco van Staden, ukuthi bangene kwi-hooker uma kunesidingo.
Indawo ye-hooker ibucayi ngoba odlala kuyona nguyena ophonsa amabhola (kuma-lineout) futhi unomsebenzi wokuqinisa uhlaka oluma phambili uma sekududulwana kuma-scrum.
Ngaphandle kwendawo ayidlalayo enkundleni, uMbonambi ungomunye wabaholi kumaBhokobhoko njengoba eseke wafaka isiphandla sokuba ngukaputeni kulo mqhudelwano uma uSiya Kolisi engekho enkundleni.
Inhlangano ephethe ibhola lombhoxo eNingizimu Afrika, i-SA Rugby, nayo ikuqinisekisile ngeSonto ukuthi izwile ngezinsolo ezibhekiswe kuMbonambi, yathi izozenzela olwayo uphenyo.