LIZOHOLWA ngumdlali omusha, uNeil Brand, iqembu lakuleli lesizwe lekhilikithi labesilisa uma selidlala imidlalo emibili ye-test neNew Zealand ngenyanga ezayo.
AmaProteas neNew Zealand bazobhekana kowokuqala eTauranga ngoFebhuwari 4 kuya ku-8, bese bedlala kowokugcina ozobanjelwa eHamilton, ngoFebhuwari 13 kuya ku-17.
Iqembu labadlali abangu-14 eliqokwe umqeqeshi uShukri Conrad lizobe linabadlali abayisikhombisa kuphela asebeke badlalella iqembu lesizwe emidlalweni ye-test. Labo ngoDavid Bedingham, Khaya Zondo, Keegan Petersen, Zubayr Hamza, Duanne Olivier, Dane Paterson noDane Piedt.
UBrand nabanye abadlali abayisithupha; uRaynard van Tonder, Ruan de Swardt, Mihlali Mpongwana, Tshepo Moreki, Shaun von Berg noClyde Fortuin, bazobe beqala ukudlala kuleli zinga.
Isizathu sokuthi abadlali abaningi ababambe iqhaza ochungechungeni oluqhubekayo ne-India bangabi yingxenye yalolu hambo wukuthi bazobe bedlala emqhudelwaneni we-SA20 ozoqala kwephezulu kuleli.
Isinqumo sokuvumela laba badlali ukuthi badlale kulo mqhudelwano we-T20 sigxekwe abahlaziyi abathile, okubalwa kubona nowayengukaputeni we-Australia, uSteve Waugh. Nokho, umqeqeshi weqembu lakuleli, uConrad, uthe ukubheke ngabomvu ukubona ukuthi laba badlali abaqokiwe bazokwenzani kule midlalo.
“Abadlali abaqokelwe lolu hambo banalo lonke ithuba lokuqophisana neNew Zealand futhi sinethemba eligcwele lokuthi bazokwenza lokho uma sesifika emdlalweni wokuqala eMount Maunganui,” kusho uConrad.
“Iningi labo lidlalile eqenjini elincane i-SA A ngesikhathi libhekene ne-West Indies, lapho likhombise khona ukuthi kukhona elingakwenza uma liqhathwe nabadlali abasezingeni eliphezulu emhlabeni. Lokho kwenza singangabazi ukuthi sebesesimweni esingcono njengoba bezobhekana nenye inselelo eNew Zealand.”
AmaProteas azobhekisa amabombo eNew Zealand ngoJanuwari 19. Njengamanje iqembu ligxile ekunqobeni umdlalo wesibili wochungechunge lwe-test ne-India ozoqala namuhla ngo-10 ekuseni eNewlands Cricket Ground eKapa.
Iqembu lakuleli lihamba phambili ngo 1-0 kulandela ukunqoba owokuqala obuseSuperSport Park, eCenturion, nge-innings nama-run angu-32.
Kulo mdlalo lizoholwa nguDean Elgar ozobe edlala okokugcina eqenjini lesizwe. Unikwe izintambo kulandela ukulimala kukakaputeni uTemba Bavuma emdlalweni wokuqala ne-India.
Iqembu lamaProteas elizolubangisa eNew Zealand: Neil Brand (Titans), David Bedingham, Mihlali Mpongwana, Dane Paterson (Western Province), Ruan de Swardt, Raynard van Tonder (Dragons), Clyde Fortuin, Keegan Petersen, Shaun von Berg (Rocks), Zubayr Hamza, Tshepo Moreki, Duanne Olivier (Lions), Dane Piedt (Knights), Khaya Zondo (Dolphins).