Kuzohlomula imindeni ngemidlalo yeDStv Diski Challenge ekhuza ibuya eThekwini ngempelasonto.
IDiski Challenge, okuyiligi yesigaba sabadlali abaneminyaka engaphansi kuka-23 samaqembu angu-16 eDStv Premiership, isibuyise uthando lwebhola kubalandeli abaningi ngenxa yezinga eliphezulu lebhola elidlalwayo.
Emuva kwempumelelo yemidlalo yaseTsakane Stadium, eGoli, ngempelasonto edlule, abalandeli bebhola baseThekwini bazothola ithuba lokuthokozela ibhola eliseqophelweni eliphezulu labafana abancane eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngoMgqibelo nangeSonto.
NgoMgqibelo, kuzovula iPolokwane City naMaZulu ngo-1 emini. Emuva kwalokho, kuzongena iLamontville Golden Arrows ne-Orlando Pirates ngo-3 ntambama. NgeSonto, kuzoqala iRoyal AM neCape Town City ngo-1 emini. Usuku luzovalwa yiKaizer Chiefs ne-TS Galaxy ngo-3 ntambama. Amathikithi okubuka imidlalo azotholakala mahhala enkundleni ngoLwesihlanu kusukela ngo-1 kuya ku-5 ntambama.
Ngaphandle kwebhola eliseqophelweni okulindeleke ukuthi lidlalwe ngamaqembu, imindeni ezohambela imidlalo izozibeka ethubeni lokuwina ama-vawusha emifaniswano yesikole yenani lika-R1 500 emincintiswaneni edlalwa ngesikhathi sekhefu kuyona yonke imidlalo. Abangawinanga bazothola imithobanhliziyo yama-hamper enani lika-R300.
“Sikhuthaza abalandeli ukuthi beze enkundleni beyimindeni. Sigquqguzela ukuthi kube umama, ubaba nezingane ngoba abazoqhudelana bazokhethwa kubona abalandeli. Sibheka imindeni, bese siqoka abantu abafike bewumndeni. Inhloso enkulu wukugqugquzela izinkundla ezinokukhululeka emidlalweni yeDiski. Ebholeni laseMzansi izinkundla zithathwa njengezindawo ezinabantu abaphuzayo, nababhema ugwayi. Thina sifuna ukukushintsha lokho ngeDiski Challenge. Simema imindeni ukuthi izochitha usuku ibuka ibhola ndawonye, idlale imidlalo, iwine izinto ezidingekayo njengoba kuvulwa izikole,” kusho uSandile Luthuli wakwaMultichoice.
IPirates izotheleka eThekwini ishayela phezulu kwazise yenyukele esicongweni se-log yeDiski emuva kokwehlula iMamelodi Sundowns ngo 4-1 ngempelasonto edlule. Ezimnyama ziqhwakele ngamaphuzu angu-29 emuva kwemidlalo engu-13. Endaweni yesibili kuhlezi iStellenbosch ngamaphuzu angu-28 emuva kwemidlalo engu-13. IChiefs, esendaweni yesihlanu, izolwela ukuthola amaphuzu amathathu eThekwini kwazise ngempelasonto edlule, ibanjwe yiChippa United ngo 2-2 eTsakane Stadium.