USIHLALO weComrades Marathon Association (CMA), uMqondisi Ngcobo, ugqugquzela izinhlaka zomdlalo wokugijima ukuba zicebe izikhohlakali zabasubathi ezifuna ukungena ngomgunyathi kulo mjaho ohlonishwa umhlaba wonke.
IComrades Marathon yalo nyaka izogijinywa ngoJuni 9. Iyenyuka njengoba izosukela eThekwini, iphelele eMgungundlovu.
ICMA imemezele ukuthi kwiComrades yalo nyaka sekukhishwe abasubathi abawu-58 okutholakale ukuthi bangene ngomgunyathi kweyanyakenye. Abawu-16 bakhishwe ngenxa yokugijinyelwa ngabanye emijahweni yokuhlunga.
Abathathu kutholakale ukuthi bahambisa kwiCMA izikhathi zabanye ukuze bagijime owanyakenye. Abawu-27 bavinjwe ngenxa yokuhambisa izikhathi zokuhlunga ezingamanga.
Oyedwa ukhishwe ngoba asebenzise inombolo yokugijima yomunye umsubathi. Abahlanu bakhishwe ngenxa yokuba nolwazi lokusetshenziswa kwezinombolo zabo. Ababili baxoshwe ngenxa yokugijima owanyakenye njenge-relay. Abane bathatha izindlela ezinqamulelayo phakathi koMgungundlovu neTheku.
UNgcobo utshele Isolezwe ukuthi iyadumaza le nto eyenziwa yilezi zigilamkhuba. Lo mkhuba uwuchaze njengehlazo eliyisimanga.
" Inkinga enkulu ukuthi siyiCMA asinawo amandla okuvimba le mikhuba ngoba asinalo izwi emijahweni yokuhlungela ukungena kwiComrades. Okunye, asinawo amandla okujezisa lezi gilamkhuba. IKZNA inelungelo lokwenza lokho. Okwethu wukuthi uma sesizibambile lezi zigilamkhuba sizikhiphe emjahweni wethu. Siyacela kuzozonke izinhlaka zokugijima ukuthi ziwalethe kithina amagama abenzi balobubi. Uma singeke sibambisane, lo mkhuba uzoqhubeka. Lokhu kusho ukwehlelwa kweComrades yisithunzi," kubeka uNgcobo othe ngaphambi komjaho wango-2023 kwatholakala izoni eziwu-25.
UNgcobo uqhube wathi:" Ukwenyuka kwezibalo zezoni, zize zifinyelele ku-58 asikuthathe njengokuthi siyakhula isibalo sabazicebayo. Siyakugqugquzela lokhu".
ICMA ithe kwiComrades yalo nyaka kuzojeziswa abasubathi abazoma endaweni engafanele uma sekuqala umjaho. Umgijimi ulawulwa inombolo yakhe. Kuzojeziswa nabangeke baqede umjaho begijima ngezinyawo, abangeke bayihloniphe imithetho, abazocekela phansi impahla yeCMA neyabobonke ebambisene nabo.
UMandla Mngomezulu oyiphini likamengameli weKZNA, utshele Isolezwe ukuthi iCMA isibanikile amagama alezi zigilamkhuba. Uthe maduze bazoqala uphenyo.
"Sizobabizela ekomitini eliqondisa ubugwegwe abazotholwa benamacala. Balengela engozini yokumiswa unyaka wonke bengazibandakanyi nezokusubatha. Sizophinde sibacebe kwi-ASA (Athletics South Africa). Sizokwazisa nezifundazweni namakilabhu abo. Kukubona laba ukuthi baphinde babagwebe. Ngokujwayelekile abasheshe bawavume amacala bathola izigwebo ezincane," kubeka uMngomezulu oveze ukuthi nyakenye bagwebe unyaka wonke abasubathi abahlanu. Uwuhlabe wawuhlikiza lo mkhuba egcizelela ukuthi ubeka ezokugijima engcupheni yokushiywa ngabaxhasi.