MANINGI amathuba okuthi kufezeke isifiso somgadli weStellenbosch FC, u-Iqraam Rayners, kulandela inkulumo yomqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ayenze emuva kokubambana kwaleli qembu lesizwe ngo 3-3 ne-Algeria emdlalweni wobungani obuhlelwe yiFifa, obungoLwesibili ebusuku.
URayners (28) ngomunye wabadlali abashaye igoli kulo mdlalo uBroos asale angawuvali umlomo ngendlela ezakhe ezidlale ngayo.
Amanye amagoli amabili avalelwe phakathi insephe uThemba Zwane.
Lo mdlalo uBroos, ubewuchaze njengethuba labagadli bamaqembu adlala kwiPremier Soccer League (PSL) lokuzibonakalisa ukuthi sebekulungele ukukhuphukela kweyomhlaba.
UBroos ubekusho lokhu kulandela ukudlala ngamathuba kweBafana ibambana ngo 1-1 ne-Andorra ngeledlule. Lo mqeqeshi waseBelgium, unenkinga yabagadli njengoba, u-Evidence Makgopa, Lebohang Mothiba noLyle Foster, bonke benezinkinga ezahlukene.
IBafana inemidlalo emibili emqoka ngoJuni lapho izodudulana khona neNigeria neZimbabwe ngokwahlukana kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
Ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa) ngaphambi komdlalo we-Algeria, uRayners uveze izifiso zakhe ngeBafana.
“Ngifisa ukushaya okungenani igoli ukuze ezongikhumbula umqeqeshi uma esebophela isikwati semidlalo emibili emqoka ezayo ezinyangeni ezimbalwa,” kusho uRayners.
Emuva komdlalo we-Algeria, uBroos akazange afihle ukuthi kunabadlali angajwayele ukubabiza abazobe bekhona noma ikanjani ekhempini elandelayo ngoba akubone kubona kumanelisile ukuthi sebekulungele ukudlalela iBafana.
Yize engazange abagagule abadlali kodwa maningi amathuba okuthi uRayners uzifakile enhliziyweni. Omunye olisebenzise ngendlela ithuba u-Elias Mokwana weSekhukhune United.
“Kunabadlali ebesibabizele ukuzobabonela eduze abazobe bekhona ekhempini elandelayo ngoba basikhombisile ukuthi sebekulungele ukuthi singathembela kubona emidlalweni yamazwe,” kusho uBroos ekhuluma nethimba leSafa abezindaba ngemuva kowe-Algeria.
“Iqiniso ukuthi kubona bonke abadlali abangajwayele ukubizwa abebekhona akekho ongishiye ngiphoxekile ngendlela abadlale ngayo.
“Ngineme ngabo bonke kodwa bakhona abasiphakamisile isandla yize ngingeke ngibasho ngamagama kodwa nizobabona ngoJuni.
“Abanye kusicacele ukuthi kusafanele siqhubeke nokubabheka ngoba kusagqama kubona ukuthi igebe lisekhulu kangakanani phakathi kwePSL nemidlalo yomhlaba,” kusho uBroos.