IKAIZER Chiefs isilinde umqeqeshi omusha ngekusasa labadlali okukhona kubona abaphelelwa yizinkontileka ekupheleni kwenyanga.
AMakhosi kulindeleke ukuthi amemezele uNasreddine Nabi waseTunisia njengomqeqeshi omusha ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/2025. Nakuba iChiefs ingaphumeli obala ngalo mqeqeshi, kubikwa ukuthi uzoyishiya i-AS FAR yaseMorocco bese ejoyina leli qembu laseNaturena.
Kulindeleke ukuthi afike nethimba lakhe okuyinto okuvela ukuthi yabhuntshisa izingxoxo ngesizini edlule. Leli phephandaba lithole ukuthi Amakhosi akumisile ukuthatha izinqumo ngabadlali ngenhloso yokuthi bahlolwe ngumqeqeshi ozofika, aqoke kubona azobadinga.
Kulaba badlali kukhona abaphelelwa yizinkontileka okukhona kubona uNjabulo Ngcobo, Brandon Petersen, Lehlohonolo Matlou noSiyethemba Sithebe osethenjiswe entsha. Abanye abangakalazi ikusasa labo obekuthiwa bazobolekiswa nguSamkelo Zwane, Sabelo Radebe noWandile Duba.
“Bezikhona izingxoxo zokuthi abanye abadlali bazobolekiswa ikakhulukazi abasebancane okufanele bayothola isipiliyoni kwamanye amaqembu. Kodwa konke sekumisiwe kuze kufike umqeqeshi omusha. Ngicabanga ukuthi kuyisinqumo esilungile lesi. Kumiswe nezingxoxo nabadlali abaphelelwe yizinkontileka ngoba kungenzeka umqeqeshi omusha abadinge. Konke kuzocaca emasontweni azayo,” kusho umthombo.
Ukungenzi kahle kweChiefs kungenzeka ukuthi kuphoqe abaqeqeshi abayihole ngesizini edlule, ikakhulukazi uCavin Johnson, ukuthi abaphendule izibukeli abadlali abasebancane phezu kokuba abalandeli bebekholwa wukuthi bebengalitakula iqembu.
IChiefs ingene ehlazweni iqeda endaweni ka-10 kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-36 emuva kwemidlalo engu-30. Umqeqeshi omusha uzofika esenengcindezi yokukhetha abadlali abazomsebenzela ukubuyisa izinsuku zenjabulo eNaturena.
Imenenja kaZwane (22), uMike Makaab, ithe icabanga ukuthi lo mdlali uzohlala kwiChiefs. UMakaab ubekhuluma kwiGagasi FM ekuqaleni kwesonto.
“Ngicabanga ukuthi kuzoba nethuba lomqeqeshi omusha lokubukisisa abadlali abazoqala amalungiselelo okuqala kwesizini. Uma sikholelwa ekutheni uSamkelo uzolwela indawo eqenjini, kungani kufanele simsuse kwiChiefs. Uselitholile ithuba lokudlalela iKaizer Chiefs ekubeni esemncane. Yiqembu alithandayo,” kusho uMakaab.
Ngesonto eledlule uThato Matuka, ophethe izindaba zikaHappy Mashiate, utshele Isolezwe ukuthi sebethembe umqeqeshi omusha ngalo mdlali obelizwa ngendaba ijezi ngesizini edlule. Uveze nokuthi inkontileka kaMashiane iphela ngoJuni wangonyaka ozayo.
Okhulumela iChiefs, uVina Maphosa, uthe: “Okwamanje akukho okusemthethweni esisakumemezele mayelana nabadlali. Sizokwenza lokho ngesikhathi esifanele.”