ISafa isiqinisekisile ukuthi ngeke usakhonjiswa bukhoma umdlalo ophakathi kweBanyana Banyana neNigeria wokuhlungela ama-Olympics.
La maqembu azotholana emdlalweni womlenze wokuqala eMKO Abiola Stadium e-Abuja ngo-6 ntambama.
Bekuthiwe uzovela kuSABC kodwa ngeke kusenzeka. Esitatimendeni iSafa ithe ihlulekile wukufinyelela esivumelwaneni nenhlangano yaseNigeria enelungelo lokusakaza umdlalo.
"Asikwazanga ukuthola imvume yokuncela izithombe kwinhlangano esekazayo yaseNigeria ebizonikezwa ophathina bethu eNingizimu Afrika, iSABC. Lokhu kusho ukuthi umdlalo ngeke usakazwe eNingizimu Afrika," kusho ingxenye esitatimende seSafa.
Bathe yize kunjalo bona bazimisele ukuthi eNigeria bakwazi ukuwubuka bukhoma owomlenze wesibili ozobanjelwa kuleli ngoLwesibili.