IKHATHAZEKILE ikhomishini yezokulingana ngokobulili ngabafundi abasebancane abakhulelwa besezikoleni kuleli.
La bafundi abanye babo abaneminyaka engu-10 kuya ku-19, kuthiwa basaba ngisho ukuya emitholampilo noma ezibhedlela beyohlela imindeni ngokulanda amaphilisi okuhlela umndenia noma bayojova ngoba besaba amehlo abantu.
Abanye kuthiwa basaba ngisho ukuyoxukuza njalo ngenyanga ngoba besaba.
Lokhu kuvezwe ngumcwaningi wale khomishini uNksz Lieketseng Mohlakoana-Motopi, ekhuluma muva nje enkundleni yokubonisana ebihlelwe yikhomishini yezokhetho kuleli.
Uveze ukukhathazeka ngoba sinyuka njalo isibalo sabafundi abakhulelwayo njengoba nyakenye bebengu-136 000.
Uthe lesi sibalo sinyuke sisuka ku-87 000 sabaneminyaka engu-10 kuya ku-19, abakhulelwe.
“Kumele abafundi abaneminyaka engu-10 uma sebeyobeletha kufunwe ababakhulelisile ngoba ukudlwengula lokho. Ukulala nomuntu ongaphansi kuka-16, kuyicala ikakhulu uma kungabantu abadala ababakhululelisile,” usho kanje.
Uthe abanye ababelethile ababe besabuyela esikoleni.
Ugxeke umgomo owawusetshenziswa nguMnyango weMfundo eyisiSekelo, ngabafundi abakhulelwe.
“Lo mgomo owawuthi umfundi kumele ahlale ekhaya iminyaka emibili esakhulisa ingane, wenza inqwaba yabafundi balaxaza isikole. Abanye bamane banqena ukubuyela esikoleni emva kokubeletha ngenxa yokuthi babezobuyela ekilasini abashiya belifunda. Bakhala ngokuthi bazobuyela ekilasini ababelifunda sebefunda nezingane ezibalamayo,” kusho uNksz Mohlakoana-Motopi.
Ugqugquzele abazali ukuthi bakhulume nezingane zabo bazixwayise ngocansi.
“Nami nginengane yomfana eneminyaka engu-10, kodwa angikhumbuli ngimxwayisa ngezocansi. Kubalulekile ukuthi sishintshe indlela esenza ngayo, sikhulume nezingane zethu ngocansi nobungozi balo uma zisencane.”
UNksz Mohlakoana-Motopi ubuye wakhala ngothisha abakhulelisa abafundi bese bejaha ukuyokhokha inhlawulo ukuze bavale amacala abo.
Uthe abanye abazali ababiki uma ingane yabo ikhuleliswe ngumuntu omdala ngoba lowo muntu eyisa ibhodwe eziko.
Umgomo omusha womnyango mayelana nabafundi abakhulelwe ugqugquzela abakhulelwe ukuthi bafunde kuze kusondele izinsuku zabo zokubeletha.
Uma sebebelethile bayagqugquzelwa ukuthi basheshe babuyele ezikoleni, bezoqedela.
Umengameli Cyril Ramaphosa, muva nje ekhuluma kugujwa usuku lo thisha emhlabeni, uzwakalise ukukhathazeka ngabafundi abangasiphothuli isikole abashiya phakathi.