UKUNGABI nesikhathi esanele kuphoqe umpetha we-WBF International Junior Bantamweight, uBathabile Ziqubu ukuthi awagaxe emgibeni amagilavu. UBathabile (32) waseKuvukeni, eMnambithi utshele Isolezwe ukuthi lesi sinqumo usithathe ekhala izinyembezi.
Uveze ukuthi isizathu esenze wawushiya phansi lo mdlalo ukuthi sekumele agxile emndenini wakhe njengoba esesele nodadewabo osafunda.
Uthe unina udlule emhlabeni nyakenye.
Le ntokazi iwuthisha eHlonipha Primary School, eWasbank.
"Inhliziyo yami ibuhlungu ngendlela eyisimanga. Impilo yami iyohlale isesibhakeleni. Abangani bami abaningi bagcwele kuso. Ukudlula emhlabeni kukamama kungishaye kakhulu.
“Sengisele nodadewethu omncane okumele ngimnakekele. Engakashoni umama bengihlala eWasbank, eduze nasemsebenzini. Njengoba engasekho sengibuyele ekhaya. Isikhathi sokujima angisasitholi. Nomsebenzi wobuthisha ungibambile. Ngisiyeke ngingathandi isibhakela," kubeka uBathabile.
UHlula Dladla weHlula Dladla Boxing Promotions ebihlela izimpi zikaBathabile, uthe le ntokazi sebeyinike isikhundla sokukhulumela le nkampani.
"Kubuhlungu ukuthi ngeke sisambona uBathabile enza adume ngakho eringini. Usichazelile ngesizathu esimenze wasishiya phansi isibhakela. Siyameseka kukho konke. Uwumuntu osevuthiwe ngezinto ezithinta isibhakela. Yingakho simnike umsebenzi wokukhulumela iHlula Dladla Boxing Promotions," kubeka uDladla. NgoMgqibelo lesi sikhulu sizohlela imiqhudelwano emibili yesibhakela eDundee Motha Hall.
Emini kuzoqala owamabhokisa asathuthuka. Kweyosuku, uMpilo Cele uzobanga noSihle Shange ibhande leKZN Bantamweight. Emqhudelwaneni wesibili kuzoxhimfana amabhokisa asemnkantshubomvu. Kunezimpi ezimbili zamabhande e-ABU. Kweye-Featherweight, uLindelani Sibisi uzolibanga noPeter Ndebo waseTanzania bese kuthi kwele-Junior Featherweight, uMxolisi Zuma axhimfane no-Albert Kimario waseKenya. Lezi zimpi zibizwa ngeNtululwane Boxing Tournament. Amasango avulwa ngo-9 ekuseni.