UKUKHALA kwenduku amahlandla amane kulandelana eqenjini eliholwa nguPep Guardiola weManchester City, okungokokuqala ngqa empilweni yakhe, sekuqubule ungabazane ngekusasa lakhe.
IMan City ishawe kuyona yomine ilandelana imidlalo yayo yakamuva okubalwa oweCarabao Cup, Uefa Champions League, neye-English Premiership.
Lokhu kuyaqala ukwenzeka eqenjini eliphekwa nguGuardiola waseSpain, kusukela aqala ukuqeqesha kwi-FC Barcelona yaseSpain, FC Bayern Munich yaseGermany, neMan City akhonya ngayo kwi-English Premiership.
“Yonke into inesiqalo sayo ngakho-ke nokuhlulwa kwami imidlalo emine ilandelana kuyaqala,” kusho uGuardiola kwi-ESPN ngesikhathi ebuzwa ngalokhu kulandela induku obekungeyesine ka 2-1 ayithole kwiBrighton and Hove ngeledlule kwiligi.
“Le nduku ayingidikibalisi kepha ivukuza okuthile kimina okuzonginika amandla okulwa kakhulu ukuguqula isimo engibhekene naso okokuqala kusukela ngaqala ukuphatha amaqembu,” kuqhuba umqeqeshi.
Indaba yaqala kwi-last 16 yeCarabao lapho uGuardiola ekhale khona ngaphansi ngo 2-1 kwiTottenham Hotspur. Kuthe kusabatshazwa lokho, kwalandela eka 2-1 ayithole ekuhambeni kwiBournemouth koweligi. KoweChampions League, iCity ibhudluzwe khona yiSporting Lisbon ngo 4-1 ePortugal.
Obekwenza lo mphumela ulumele kuGuardiola wukuthi ushawa kanjena nje, ebhentshini leSporting kuhleli okokugcina uRuben Amorim osefudukele kwiManchester United.
U-Amorim noGuardiola bazobhekana kowabakhaya baseManchester obhekwe ngabomvu ngoDisemba 15.
Kufanele ukuthi uGuardiola akasakwazi ukulinda ukuthi kuphele ikhefu lemidlalo yeFifa ukuze ezoqala abuyise isithunzi.
Okumnandi ngeMan City wukuthi ishaywa kanjena nje, kwiligi ilele isibili ngamaphuzu angu-23. Ilandela iLiverpool okuyiyona eqhwakele ngawu-28 emuva kwemidlalo engu-11.
IMan City izobuya ekhefini ngokwamukela iTottenham ngaphambi kokubhekana neLiverpool ngoDisemba 1.
Nokho ayaqina amahlebezi okuthi uGuardiola angase angayivuseleli inkontileka yakhe neCity njengoba iphela ekupheleni kwesizini.
Kusukela kushiye uTxiki Begiristain obengusomaqhinga kwiCity, uGuardiola akaliyeki ithuba lokuzwakalisa ukuphoxeka kwakhe ngokushiwa yilo mngani wakhe owaba nesandla ekutheni ajoyine leli qembu eminyakeni eyisishiyagalolunye edlule.