KUBE amaBlack Stars aseGhana “iziphoxi“ zokuqala emazweni obekungalindlekile ukuthi angahluleka ukuzibekisela indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezosingathwa iMorocco, ngonyaka ozayo.
IGhana esisidle amahlandla amane isicoco sase-Afrika izihlaza nje, ngesikhathi esifanayo isiqhingi saseComoros ebesingathishiwe sizifake kulo mqhudelwano ozokuba ngoDisemba, wonyaka ozayo.
Angu-19 kwangu-24 (okuhlanganisa nosokhaya iMorocco), amazwe asezibekisele indawo kwi-Afcon okushiya umbango wezindawo ezinhlanu ezisele.
Lokhu akuwahlanganisi amazwe amane (Algeria v Liberia, neTogo v Equatorial Guine), adlale eyawo izolo usushicileliwe lo mbiko.
IGhana iye kwi-Angola ebisivele izibekisele indawo kwi-Afcon idinga iwini yayo yokuqala ku-Group F kodwa yabuya nephuzu elilodwa.
Lo mphumela ushiye iGhana ibambe ibhuleki eqoqweni yize kusasele umdlalo owodwa kwazise izibalo ziyawaphika amaBlack Stars ebesedlale kuma-Afcon awu-10 adlule elandelelana.
“Kufanele sizinuke amakhwapha ngendlela esidlale ngayo kusukela iqala yokuhlunga ikakhulukazi eyasekhaya lapho sihlulwe khona kweminye kuyithina iqembu elingcono,” kusho, u-Otto Addo owumqeqeshi weGhana kwi-website yebhola iGhanasoccernet.
IComoros iphinde yamangaza ngokunqoba ngo 2-1 kwiGambia kwazise ngenyanga edlule iphoxe iTunisia kuwona belu u-Group A ngawo u 2-1.
Nakuba i-Ivory Coast ibisivele izibekisele indawo kodwa ukunqoba kweZambia ngo 2-1 eNdola, bekuqinisekisa indawo yompetha bango-2012 kwi-Afcon elandelayo.
Kuzodingeka iphuzu ukuze iMozambique izobhukha ithikithi layo laseMorocco uma isibhekene neGuine-Bessau kusasa kowokusonga iqoqo.
Elinye iqembu lesizwe eselazi ukuthi liya kwi-Afcon iZimbabwe ebingekho emqhudelwaneni odlule kulandela ukudingiswa iFifa kukasoseshini wakhona.
Ukubambana kweZimbabwe neKenya kuqinisekise indawo yaleli qembu lesizwe ebeliwudlalela ePolokwane lo mdlalo walo ngoba lingenankundla.
Amazwe afana nosokhaya iMorocco, Egypt, Cape Verde, Bafana Bafana neMali, asevele azibekisele indawo kodwa lisekhona ithuba kwamanye amahlanu emidlalweni eyahlukene kusukela kweyayizolo, eyanamuhla kuze kusongwe ngeyakusasa.