UWUQONDA kahle umsebenzi omhlalele uSead Ramovic olaxaze iTS Galaxy wathatha umsebenzi wokuqeqesha iYoung Africans yaseTanzania.
Emasontweni edlule, lo mqeqeshi umangaze abaningi ememezela kwithelevishini ukuthi uyesula ekuqeqesheni iThe Rockets ngemuva kokuthi ibambane ngo 1-1 neStellenbosch koweBetway Premiership.
Bekuyiphuzu lesibili selokhu kuqale isizini. Uhambe engakanqobi nowodwa emidlalweni eyisithupha kule sizini. Ushiye iGalaxy ihleli emsileni kwi-log yeBetway Premiership. IGalaxy.
Ngaphambi kokuthi asule uRamovic, ubehlale esho ukuthi ukudayiswa kwezethenjwa zakhe kuhlale kumenza aqale phansi kuwo wonke amasizini.
NgoLwesihlanu olwedlule iYoung Africans eteketiswa ngeYanga, imemezele izindaba zokuqasha uRamovic. Ikhombe indlela uMiguel Gamondi ngemuva kokushaywa imidlalo emithathu kulandelana.
Emdlalweni egcine ukuwudlala ibhaxatshulwe iTamora United ngo 3-1. Beyiphuma esibhaxwini se-Azam neseSingida Black Stars. Ngesikhathi Isolezwe lithinta uRamovic, ulitshele ukuthi ulungiselela ukuyohlangana okokuqala nabaphathi beqembu.
"Kulo mhlangano sizobhunga ngezinto eziningi, ngizozwa nokulindeleke kumina. Ukusebenza ngizokuqala kahle kusasa," kubeka uRamovic odabuka eGermany.
Nakuba ethe uzophawula kahle uma eseqede lo mhlangano kodwa uthe uyakwazi okunye okulindeleke kuyena.
"IYanga iyiqembu elikhulu eTanzania nase-Afrika jikelele. Ngiyazi ukuthi kumele ngiqhubeke nokugcina isithunzi sayo. Ngikuqonda kahle ukuthi kulindeleke ngiqhubeke nokusiza iqembu ukuthi linqobe isicoco seligi. Ngiyazi nokuthi kumele ngiqhubeke nokunqoba izicoco." URamovic uveze ukuthi kuyisibusiso kuye ukuthi uzoqeqesha emidlalweni yeChampions League.
"Ngiyazi nokuthi kumele ngenze kahle kwiChampions League. Kuyangijabulisa ukuthi ngizoqeqesha iqembu elifana neYang Africans kulo mqhudelwano ohlonishwa i-Afrika yonke," kusho uRamovic.
Ku-Group A, iYanga izovula ne-Al-Hilal yaseSudan, ngoNovemba 26 ekhaya. Amanye amaqembu eqhathwe nayo kuleli qoqo, iMC Alger yase-Algeria neTP Mazembe yaseDRC. URamovic ushiye iGalaxy eqophe umlando wokuyifaka okokuqala kwi-Top 8, akwenze ngesizini edlule beqeda endaweni yesithupha.