ABALANDELI be-netball bakwamukele ngesasasa ukumenyezelwa kukaJenny van Dyk njengomqeqeshi omusha weqembu lesizwe labesifazane le-netball.
Lesi simemezelo senziwe yinhlangano eyengamele lo mdlalo kuleli, iNetball South Africa, eGoli izolo ntambama kulandela ukusefa kwayo izicelo ezitholile kusukela yadalula ukuthi ithungatha umqeqeshi omusha ngoNovemba nyakenye.
UVan Dyk uzosizwa nguZanele Mdodana.
Abanye abalandeli bakhombise ukukujabulela ukuqashwa kwabo ezinkundleni zokuxhumana kwiFacebook ne-X.
UHlengy Ndawonde uthe kwiFacebook: “Nizoyibona into ezokwenziwa yilaba baqeqeshi bobabili, into encomekayo yodwa.”
UKB Ramasimong ubhale kanje kwiX: Ngiyabonga ngoba sifezekile isifiso sami. Uma sikhuluma iqiniso, akekho onomlando osondela kokaJenny. Imiphumela iyazikhulumela. Ngijabule kakhulu ngokuqashwa kwakhe.”
UMengameli weNetball SA, uCecilia Molokwane, uthe bathole izicelo ebeziqhamuka kubaqeqeshi abane, baqoka uVan Dyk ngenxa yomlando wakhe omude ekuqeqesheni lapho ewole khona inqwaba yezicoco.
Usenqobe imiqhudelwano eminingi okubalwa kuyo iSA National Championships, Varsity Cup, Telkom Netball League neminye emazingeni ehlukene.
“Sithe kulokhu sizokwenza izinto ngendlela efanele. Phambilini sike sazama ezinye izindlela kodwa kwangahamba kahle. Besifuna umqeqeshi onolwazi futhi ozokwazi ukuyisa iNingizimu Afrika ezingeni elilandelayo,” kusho uMolokwane.
“Abantu baseNingizimu Afrika bakhathele ukuba sendaweni eyodwa. Bafuna ukusuka endaweni yesihlanu emhlabeni bakhuphukele kweyesine neyesithathu. Lokho kuzokwenzeka uma sinomqeqeshi ogxile ngokuphelele eqenjini lesizwe. Besingeke sikwazi ukuthatha umqeqeshi ozosebenza ekwelinye izwe noma ozophinde abambeke kwezinye izindawo.”
UVan Dyk ubeqeqesha iqembu le-netball e-University of Pretoria, elidlala kwiVarsity Cup abuye acije nelesizwe lika-Under-21 kodwa usezishiyile lezo zikhundla.
“NgingoweNetball SA ngokuphelele. Ngiyayibonga iTuks ngokunginika ithuba elide kangaka lokuqeqesha iqembu, ngifunde lukhulu khona. Ngiyethemba nokuthi liqhakazile ikusasa leqembu lethu lika-Under 21. Okuhle ukuthi ngisazokwazi ukubona ukuthi kwenzekani ngalo ngoba njengomqeqeshi wamaProteas kumele ngiphose iso kuwona wonke amaqembu esizwe.”
UMdodana wayengukaputeni wamaProteas esadlala futhi usanda kushiya isikhundla sokuqeqesha ele-netball le-University of Stellenbosch.
“Ngibona ukuthi sizobambisana kahle kakhulu ngoba ungumuntu onolwazi oluningi, uyayithanda i-netball futhi uzoza namasu ahlukile. Wonke umuntu uyazi ukuthi amaqembu ebesiwaqeqesha kwiVarsity Cup awabhekani kodwa ngeke kusiphazamise lokho,” kuqhuba uVan Dyk.
“Manje sesisebenzela iqembu lesizwe futhi sonke sifuna ukuthuthukisa i-netball yakuleli. Ngiyethemba ukuthi sizoba yisibonelo esihle ngendlela esizobambisana ngayo.
“Umdlalo we-netball uyafana kodwa kukhona okuthile okuhlukile uma ubheka indlela amanye amaqembu njenge-Australia, England, New Zealand, adlala ngayo. Sihlose ukuthi kube khona okuthile esifika nakho okuzokhombisa abantu ukuthi injani i-netball yaseNingizimu Afrika.”
UVan Dyk noMdodana bazoqoka iqembu abazoqala ukusebenzisana nalo maduze. Izinkontileka abazisayinile zizophela uma sekusongwa iNdebe yoMhlaba ezobanjelwa e-Australia ngo-2027 kodwa ngokusho kukaMolokwane konke kuncike ekutheni iqembu lizothola imiphumela enjani.