I-KAIZER Chiefs iqede ukuqagela ngekusasa likanozinti, uBruce Bvuma, okuvalwe unyaka u-2023, esebuyele esikimini esiqala imidlalo.
UBvuma (28) ubewukudla kwebhentshi kusukela ngesizini edlule ngaphansi kobuholi bomqeqeshi u-Arthur Zwane. Lokhu kuqhubekile nangesikhathi izintambo zokuqeqesha sezibanjiswe uMolefi Ntseki. Nokho ngaphambi kokuphela kuka-2023, uthole ingqayizivele yethuba lokuvimba ngemuva kokumiswa kukamakadebona, u-Itumeleng Khune.
Lelo thuba ulamukele ngezandla zombili. Emidlalweni emine yeDStv Premiership, uBvuma ulilande kanye ibhola ezintanjeni futhi iChiefs ayizange yehlulwe kuyona yonke imidlalo esezintini.
Kade kunemibiko yokuthi iChiefs ingase imdedele uBvuma owakhulela enkulisa yayo uma kuphela inkontileka yakhe ngoJuni. Nokho leli phephandaba lithole ukuthi Amakhosi asemgixabeze ngenkontileka yeminyaka emibili. Inkontileka kaBvuma ibizophela kanye nekaKhune nekaBrandon Petersen ekupheleni kwesizini ka-2023/2024.
Imenenja kaBvuma, uJazzman Mahlakgane, ikuqinisekisile ukuthi uBvuma uyahlala kwiChiefs.
“IChiefs isiyivuselele inkontileka kaBruce. Lokho kwenzeke emasontweni adlule. Usayine inkontileka yeminyaka emibili. Kuhle okwenziwe yiChiefs ukuthi imnike inkontileka ngesikhathi izinto zisenjena, esadlala njalo ngoba lokho kuzomnika ukuzethemba okungaphezulu,” kusho uMahlakgane.
Nakuba uBvuma eyivuselele inkontileka eNaturena kodwa usahlalelwe wumsebenzi wokulwela ukugcina indawo yakhe esikimini esiqala imidlalo ngaphansi komqeqeshi, uCavin Johnson obukeka eselivusa iqembu. Ngaphezu kwalokho, kungenzeka iChiefs iphoqeke ukuthungatha abanye onozinti kwazise ekuqaleni kwesizini, imemezele ukuthi lena yisizini yakhe yokugcina uKhune edlala kuyona.
UPetersen, okhishwe esikimini ngenxa yamaphutha, kunezinkulumo zokuthi ingase imchithe iChiefs ekupheleni kwesizini. Uma begcina behambile uKhune noPetersen, uBvuma kuzofanele alwele ukubeka ebhentshini onozinti abazofika ngesizini ezayo.
“Uzodlala uBruce manje. Uma ubheka emidlalweni emine ayidlalile, iqembu alikaze lehlulwe futhi usangenelwe yigoli elilodwa. Lokho kuhle kuyena. Ukwenza kahle kweqembu njengoba kusavimbe yena, kuzokwenza ahlale esikimini,” kusho uMahlakgane.
IChiefs isekhempini eLimpopo, lapho izicijela khona umzuliswwano wesibili weligi yeDStv Premiership ozoqhubeka ngemuva komqhudelwano i-Africa Cup of Nations (Afcon) oqhubekayo e-Ivory Coast. Amakhosi azobuyela enkundleni ngoFebhuwari 13, eseyobhekana neTS Galaxy ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo.
Okhulumela iChiefs, uVina Maphosa, uthe bazomemezela uma sekukhona abatshelwe khona ngabaphathi ngodaba lwezinkontileka zabadlali.