Royal AM (0)(0)
Kaizer Chiefs (0)(0)
IKAIZER Chiefs iqhubekile nokuphoxa abalandeli bayo ibambana neRoyal AM, emdlalweni weDStv Premiership eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngeSonto.
Kulo mdlalo kwenzeke okungajwayelekile, kutheleka ingcosana yabalandeli baMakhosi eMphithi. Akucaci noma lokhu kudalwe wukumba eqolo kwamathikithi noma abantu sebekhathele ukushaya udaka kweqembu labo. Amathikithi omdlalo abebiza u-R100. Abaqaphi baphinde babamba insizwa ebiwadayisa ngamanani aphansi.
Ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela isidayise inqwaba. Njengoba bekuphunywa ekhefini le-Africa Cup of Nations (Afcon) bekwethenjwa ukuthi iChiefs izoba nomdlandla kulo mdlalo. Akuhambanga njengokufisa kwabalandeli bayo njengoba abadlali abafana no-Ashley Du Preez beyeke oqekelele bamagoli.
Ngasekupheleni kwalo mdlalo omunye wabalandeli obegqoke ijezi leChiefs uzwakale ememeza ethi “uqinisile umqeqeshi weBafana Bafana, Hugo Broos, ukuthi akekho umdlali weqembu lethu ofanele ukubizelwa eqenjini lesizwe.”
Womabili la maqembu enze izinguquko zabadlali abathathu kulo mdlalo. IThwihli Thwahla isiqale kahle isiwombe sokuqala, ihlasela ngamandla. Phambili bekubhoke uMenzi Masuku obeyiphela endlebeni kuRevee Frosler. Lo mdlali waKwaMashu, ubelekelelana no-Ayabulela Maxwele noMxolisi Macuphu.
Ngomzuzu ka-14, iChiefs isindele unozinti wayo uBruce Bvuma, uMaxwele ethi ulishiya phakathi. UKhulekani Shezi noThabo Matlaba bebesho ukuwadla luhlaza Amakhosi. Kuqala lesi siwombe iChiefs ibidle ngokudlala ibhola lokuzuma.
Ngoka-24, uDu Preez uyeke uqekelele esebhekene nonozinti weRoyal AM, uPatrick Nyame.
Esikhathini esingeziwe sikanompempe, lo nozinti uphinde wenza omkhulu umsebenzi evimba i-free kick ebishaywe nguNkosingiphile Ngcobo nebhola ebeliyingozi likaSifiso Hlanti. Kwesesibili iChiefs ibuye ngamandla, ihlasela. Nokho izitobha zeThwihli Thwahla bezingafuni lutho. Kumele ukube lapho ekhona uDu Preez uyazisola njengoba ephinde wayeka omunye uqekelele. Ukungena kukaMfundo Thikazi kuyibuyisele emdlalweni i-AM.
Ngokuhluleka ukuthola amaphuzu amathathu kweChiefs, iyeke ithuba lokweqa izimbangi zayo, i-Orlando Pirates kwi-log yePremiership. I-AM yona iphunyukwe yithuba lokusuka emaqenjini asengozini yezembe ngasemsileni we-log. NgeSonto, iChiefs izobhekana neMilford kowe-Last 32 yeNedbank Cup. I-AM izobhekana naMaZulu ngoLwesine eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.