IKAIZER Chiefs ilwe kanzima yagcina ibuye namaphuzu aphelele ishaya iMaritzburg United ngo 3-2 emdlalweni weDStv Premiership, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoMgqibelo ebusuku.
Ukuba iChiefs ibigcine ngokungawunqobi lo mdlalo nakanjani bekuzofanele izisole yona kwazise ike yahamba phambili ngo 2-0 emizuzwini engu-19 yokuqala kwalo mdlalo, kodwa kwagcina kuyiwe ekhefini sezibambene ngo 2-2.
IChiefs eqale umdlalo ngesivuthevuthe, yiyona ebone inethi kuqala zibekwa nje ebhandeni ngegoli likaKeagan Dolly ngomzuzu wesihlanu kulandela ibhola alidekelwe wu-Ashley Du Preez.
Akuphelanga sikhathi esingakanani iChiefs yathola elesibili ngemuva kokuba umgadli waleli qembu oya ngokuya ekhombisa izimpawu zokuzinza, uChristian Saile edudule engaphandle kwebhokisi walibhajiswa ezintanjeni ngomzuzu ka-10.
Nokho, iMaritzburg ayizithelanga neze ngabandayo njengoba yazithatha yahlasela, yagcina ilitholile igoli lokuqala ngomzuzu ka-20 emuva kokuba isitobha sayo uMogamad De Goede engqomfele phakathi ngekhanda ibhola ebelikade liyi-corner ebishaywe nguKeegan Ritchie.
Emuva kwalokho iMaritzburg ivuke inj’ebomvu isingena nezicabha, yagcina ithole i-free kick ngaphandle kwebhokisi kulandela ukuthi uZitha Kwinika, edlalise kabi uKarim Kimvuidi, obewuhlupho kubadlali beChiefs kulo mdlalo, nokungamangazanga ukuqokwa kwakhe njengomdlali ovelele.
Ingcwenga ye-free kick ka-Amadou Soukouna ehhuke unozinti weChiefs, uBrando Petersen egaxeke ezintanjeni inike iMaritzburg igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-40 sekusele imizuzu embalwa ziye ekhefini.
Ngesiwombe sesibili iChiefs ibuye isiyiqembu elingcono kunangesiwombe sokuqala, yakha amathuba amaningana kuneMaritzburg.
Kugcine kuyilungele ngomzuzu ka-74 ngenkathi ithola iphenathi kulandela ukusunduzwa kukaDu Preez ngaphakathi ebhokisini nguDe Goede.
Leyo phenathi, ethande ukukhalisa nokho, ithathwe nguYusuf Maart oyivalele phakathi kwaba ngu 3-2 ngomzuzu ka-75, nokuyiyona egcine igoli lokunqoba leChiefs.
Ukunqoba kwaMakhosi lo mdlalo kusho ukuqhubeka kwayo nokuba semshungwini wamaqembu asesethubeni lokuzibekisela indawo kwiCaf Champions League ngokuqeda endaweni yesibili kwi-log, njengoba kumanje isendaweni yesine ngamaphuzu angu-37 ngokulinganayo ne-Orlando Pirates esendaweni yesithathu.
Kanti lo mphumela usho ukuthi iwa lisabheke umoya kwiTeam of Choice evika izembe njengoba isahlezi endaweni ka-15 kwi-log, nesishaywe imidlalo emithathu ilandelana.