I-KAIZER Chiefs ayigudluki esinqumweni sayo sokuchitha ukaputeni, u-Itumeleng Khune, ophelelwa yinkontileka ekupheleni kwesizini ka-2023/2024.
UKhune (36) umiswe yiChiefs ngasekupheleni konyaka odlule emuva kokuvela kwezindaba ezithi ufike ejimini ebukhile. Ngokusho kweqembu, uKhune ufakwe ezinhlelweni ezimsizayo ukuthi alwe nezinkinga abhekene nazo.
Amakhosi awakuvezanga ukuthi lo nozinti uzobuya nini nokuthi ukumiswa kwakhe kuzophela ngasiphi isikhathi. Emuva kokushaya into ecokeme kukaKhune emdlalweni weCarling Black Label Cup, ngenyanga edlule ngesikhathi edlalela iqembu eliqokwe wumphakathi leCarling All Star, abalandeli baMakhosi abakufihlanga ukuthi bafuna abuyele esikimini.
Naye uKhune ukushilo ukuthi usafuna ukudlala ibhola adlule eminyakeni engu-40 yobudala.
IChiefs iqale yenqaba ukuthi ayodlala koweCarling kodwa lwagoba uphondo ekugcineni. Ekuqaleni kwesizini, iChiefs ikhiphe isitatimende esithi lena yisizini yokugcina kaKhune eyidlalela.
Ngesonto eledlule, Amakhosi amemezele ukuthi asevuselele izinkontileka zonozinti ababili, okunguBruce Bvuma okuphele unyaka evimba kahle noBrandon Petersen neyomdlali wasesiswini, uNkosingiphile Ngcobo.
Umthombo ongaphakathi kwiChiefs, uveze ukuthi abaphathi akubashintshanga umqondo ukwenza kahle kukaKhune koweCarling futhi kungenzeka angabe esaligqoka ijezi laMakhosi kule sizini.
“Njengoba isitatimende sakhishwa ekuqaleni kwesizini, u-Itu usedlalela iChiefs okokugcina kule sizini. Iqembu lisamile kulokho. Njengoba esamisiwe nje, usaqhubeka nohlelo afakwe kulona yiqembu ukuthi abhekane nezinkinga zakhe.
Emuva kwalokho, usazobuya azoziqeqesha neqembu ukuze alungele ukudlala. Lokho kukodwa kungathatha isikhathi. Ngenhlanhla ungonozinti, okwakhe akufani nokwabadlali baphakathi. Kungenzeka adlale emidlalweni yokugcina yesizini noma anikwe ithuba kwiNedbank Cup.
Lokhokuzoncika kumqeqeshi ngoba usavimba kahle uBruce Bvuma,” kusho umthombo.
UKhune, okhulele kwiChiefs, akucaci ukuthi uzovuma yini ukubeka amagilavu emgibeni ekupheleni kwesizini. Kunezinkulumo ezithi uzonikwa umsebenzi wokuqeqesha onozinti eNaturena.
Imenenja yeChiefs, uBobby Motaung, icashunwe yiSowetan ikuqinisekisa ukuthi uKhune usamisiwe.
“Angikwazi ukudalula ukuthi kuzoba yisikhathi esingakanani kodwa uzobuya eqenjini. Okwamanje usamisiwe. Khumbula ukuthi umiswe yikomiti eliqondisa ubugwegwe, ngakho kufanele kulandelwe imigudu.
Ukumiswa kwakhe kungenzeka ukuthi sekuzophela kodwa kukhona imigudu okufanele ayilandele ngaphambi kokubuyela eqenjini,” usho kanje uMotaung.