Inhlangano eyengamele ibhola e-Afrika, iConfederation of African Football (Caf) isizwakalise ukukhathazeka ngokuhlonipheka nesithunzi sebhola laseNingizimu Afrika kulandela ukugasela emahhovisi eSouth African Football Association (Safa) kophiko lwama-Hawks lweSerious Commercial Crime Investigation Unit ngesonto eledlule.
Ama-Hakws atheleke ekomkhulu leSafa, eNasrec, asesha, ashaqa izinto okukhona kuzona imiqulu, ama-laptop, i-USB nokunye. Aphenya izinsolo zokukhwatshaniswa kwemali elinganiselwa ku-R1.3 million ezithinta umengameli weSafa, uDanny Jordaan. Ngesonto eledlule, iSafa ikhiphe isitatimende iphika lo mkhonyovu, yathi iyazi ukuthi le mali yenzani futhi bukhona nobufakazi.
Namuhla (ngoMgqibelo), iCaf ikhiphe isitatimende iveza ukuthi iyalubhekisisa lolu daba, isebenzisa imithetho nemigomo yayo neyenhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa. ICaf icele iSafa nomengameli wayo, uJordaan, ukuthi ilethe umbiko okhombisa ukuthi ayiyephulanga imithetho nemigomo yale nhlangano.
ICaf, eholwa nguPatrice Motsepe wakuleli, ikucacisile ukuthi nakuba zibucayi izinsolo ezenziwe ngama-Hawks kwiSafa nakuJordaan kodwa izoma ekutheni umsula kuze kuba utholwa enecala wuhlaka olufanele. Iphethe ngokucela iSafa noJordaan ukuthi ayilethele ulwazi noma iqiniso afuna ukuliletha kuyona.