KUZOQOPHEKA umlando kusasa ntambama ngo-6 uma sekududulana i-Orlando Pirates naMaZulu FC,kowamanqamu weMTN8, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Womabili amaqembu aholwa ngabaqeqeshi abafike kule sizini eNingizimu Afrika, abasabheke ukuzakhela igama kwiPremier Soccer League (PSL).
*UJose Riveiro: uqokwa njengomqeqeshi we-Orlando Pirates ngaphambi kokuqala kwesizini. Ubengaziwa nhlobo kuleli. Lo mqeqeshi waseSpain, wayegcine ukusebenza ngo-2021, kwi-FC Inter Turku, yaseFinland.
Lokhu kwaholela ekutheni iningi labalandeli bebhola limbize ngo-plumber, nokuyitemu elivame ukusetshenziswa uma kukhulunywa ngabaqeqeshi base-Europe, abafika kuleli bezothatha amashansi. Uma uRiveiro engathatha indebe kungamenza ahlonishwe kakhulu futhi ehlise ingcindezi njengoba imiphumela yeligi ibuye imphike.
*URomain Folz: Wamukelwa ngokungabaza ngesikhathi eqokwa njengomqeqeshi weMarumo Gallants, ekuqaleni kwesizini. Yize lo mqeqeshi odabuka eFrance eke wasebenza e-Uganda, Egypt, Ghana neBotswana, bekunemibuzo ngamava akhe ngoba uneminyaka ewu-32 kuphela. Uhlale isikhashana kwiGallants, wayishiya ngemuva kwemidlalo emihlanu engawinanga. Umengameli woSuthu, uSandile Zungu, ukhombise ukumethemba waze wametha igama elithi, uFohloza. Uma engasiza iqembu ukuthi lidle isicoco okokuqala kusukela ngo-1992, uzongena emabhukwini omlando.
*Umlando wamaqembu kwiMTN8
Kusukela waqala ukudlalwa ngo-2008 umqhudelwano weMTN8, i-Orlando Pirates isiwunqobe kathathu, ngo-2010, 2011 nango-2020, okudlula wonke amaqembu.
AmaZulu asehlulwe kabili kuma-quarterfinal ngo-2012 nango-2021, kwathi ngo-2009 adliwa yiLamontville Golden Arrows kowandulela owamanqamu. Ayaqala ukudlala kowamanqamu.
*Abadlali abangagqama kuMaZulu:
Yize womabili amaqembu enabadlali abaningi abangakwazi ukushintsha umphumela womdlalo kodwa nampa esibabalula ukuthi bangaba wukukhiye emdlalweni wakusasa
*Veli Mothwa: Ukhombisile ukuthi ubaluleke kangakanani ngesikhathi evimba inqwaba yamabhola ayingozi emdlalweni weligi neZimnyama kanti kulindeleke ukuthi enze okufanayo nakulo mdlalo.
*Riaan Hanamub: Ungomunye wabadlali abawubambile umgqigqo selokhu kuqale isizini. Uyingozi uma eya phambili ngakwesokunxele ngenxa yamabhola awagobela ebhokisini futhi uyakwazui ukuvala nasemuva.
*George Maluleka: Uza nesipiliyoni esiningi futhi uyakwazi ukuhlanganisa abadlali basesiswini nabagadli. Uyakwazi ukuphakela ozakwabo amaphasi aphinde akhahlele ekude, nokuyinto evamise ukwenza umehluko emidlalweni emikhulu.
*Orlando Pirates:
*Nkosinathi Sibisi: Uluqinisile udonga lwasemuva lwePirates, kanti uwuhlobo lwesitobha olukwaziyo ukuqaphela ingozi ngokushesha. Kweyamanqamu kuvamise ukuthi iqembu elivale kahle emuva liphume phambili.
*Miguel Timm: Sibonakele isikhala sikaTimm enkabeni yenkundla ngesikhathi amaBhakabhaka ebhekene neKaizer Chiefs kowomkhaya. Kulindeleke ukuthi abuye ukuze iqembu lihleleke kahle enkundleni, lingalahlekelwa yibhola kalula.
*Kermit Erasmus: Ungumdlali ovamise ukugqama kahle emidlalweni emikhulu kanti nakulokhu uzobe ebheke okufanayo. Washaya amagoli amabili ngesikhathi Ezimnyama ziguqisa iBidvest Wits kowamanqamu weNedbank Cup, enkundleni efanayo ngo-2014.
*Okushiwo abaqeqeshi:
Riveiro: “Kunginika injabulo enkulu ukunqoba imidlalo nokubona abadlali bami, nabo bonke abantu abaseduze kwami bejabule. Ukungena kowamanqamu kungenye yezinto ezilindelwe uma uqeqesha iqembu elikhulu njenge-Orlando Pirates. Ngizokwazi ukuchaza imizwa yami uma siyinqoba indebe kodwa angicabangi ukuthi kuzohluka endleleni engizizwa ngayo uma sinqobe imidlalo.”
UFolz: “Imizwa yami ayibalulekile kakhulu, mhlawumbe isendaweni yesibili noma yesithathu, into ebaluleke kakhulu yiqembu. Uma ngithi iqembu ngiqonde abalandeli, abadlali, abaphathi nabaqeqeshi. Indaba yami ikude kakhulu. Uma uyingxenye yaMaZulu, usuke umele abantu abaningi futhi kumele wenze konke okusemandleni akho.”