UMQEQESHI weKaizer Chiefs, u-Arthur " 10111" Zwane, uthe kusekuncane lokhuokwenziwe umgadli wezakhe, uBonfiles-Caleb Bimenyimana, oshaye amagoli amabili aweze Amakhosi ebhekene neSuperSport United koweDStv Premiership ngoMgqibelo.
Amakhosi abuyise ithemba kubalandeli bawo eshaya iSuperSport United ngo-2-1 emdlalweni obuseFNB Stadium ebusuku.
UZwane bese eqala ukuba nyamanambana kubalandeli baleli qembu ngenxa yokuphikwa imiphumela.
Bese kuphele imidlalo emithathu yeligi iChiefs ihluleka ukunqoba. NokoweMTN8 yadlula sekukhahlelwa amaphenathi kwiStellenbosch.
Kulo mdlalo ne-United, amagoli aweze iChiefs, axegisela noZwane umthwalo, ashaywe uBimenyimana waseBurundi.
I-United ecijwa uGavin Hunt, iyona ebone imbobo yepali kuqala ngegoli likaGrant Margerman esiwombeni sokuqala.
Ngesikhathi isahamba phambili abalandeli beChiefs bese behhewula kanzima uBimenyimana ngenxa yokuyeka amanye amathuba. Kube sekubonakala uZwane eshaya izandla, ekhuthaza lo mgadli. Ugcine elitholile igoli lokulinganisa ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini.
Ngemuva komdlalo uphawulile ngalokhu okwenzekile.
“Uma ungumqeqeshi, ungumholi, kumele ukholelwe kubadlali bakho. Nabo bayazi ukuthi ngibathembile. Ngihlale ngibatshela ukuthi umdlalo webhola ngowamaphutha. Ngibatshela ukuthi abangakunaki okubi, abagxile kokuhle abakwazi ukukwenza. Uma umdlali ebona ukuthi mina njengomqeqeshi angimethembi lokhu kuzobulala ukuzethemba kwakhe. Nasejimini ngihlale ngibagqugquzela ukuze bezozethemba. UBimenyimana bengihlale ngazi ukuthi usazowashaya amagoli, futhi usazoqhubeka. Nakuba namhlanje eshaye lawa akwazile ukuwathola kodwa bekubaluleke kakhulu kuyena ukuthi awathole. La magoli azokukhuphula ukuzethemba kwakhe," kubeka uZwane kwabezindaba.
Igoli lesibili likaBimenyimana kube yiphenathi esiwombeni sesibili.
Ngesikhathi uZwane ephawula ngoBimenyimana kwiSuperSport ngemuva komdlalo, uthe: “Muhle kakhulu uma edlala esondele amapalini. Yilokho esimtshele khona, ukuthi akahlale khona ozakwabo bona bazovala kulena enye ingxenye. Ibhola lizofika kuyena, okuyikhona kanye akwenzile.”
UZwane uncome no-Ashley du Preez ngokuliphaka kahle okuze negoli lokuqala. Abasalanga ngaphandle noYusuf Maart benoSiyethemba Sithebe ngomnyakazo oholele kwigoli lokuqala.
Uma sekubuywa ekhefini leFifa, iChiefs izodlala naMaZulu FC kowandulela owamanqamu weMTN 8. Umdlalo womlenze wokuqala uzokuba ngo-Okthoba1, umlenze wesibili obe ngo-Okthoba 22.