UMQEQESHI weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, ubhoboka ngenselelo yokupholisa amakhanda abadlali babhekane nemidlalo ephambi kwabo futhi bangawucabangi owomkhaya weNedbank Cup, ne-Orlando Pirates.
Kusasa ngo-3 ntambama iChiefs izobhekana neSwallows FC koweDStv Premiership eFNB Stadium, eSoweto.
NgoLwesine iChiefs yehlule iChippa United koweligi kanti iPirates bazohlangana nayo ngoMgqibelo ntambama kwisemi final yeNedbank khona eFNB Stadium.
“Yikho kanye okumqoka ngasohlangothini lwethu siyithimba labaqeqeshi ukuqikelela ukuthi abadlali alubahlamuki uzinzo emiqondweni yabo,” kusho Zwane, udlalele womabili amaqembu - iChiefs nePirates.
“Ngenhlanhla enkulu abanye bethu baludlalile uhlobo lwalo mdlalo nokulekelela kakhulu ngoba siyazi ukuthi kumqoka kangakanani ukuqoqa amaphuzu emidlalweni eyandulela owomkhaya. Idumela elihambisana nowomkhaya kwesinye isikhathi lingakwenza ulibale ngezinye izinto ezimqoka. Sizoqala ukuxoxa ngomdlalo womkhaya emuva komdlalo wangoMsombuluko.
“Kuzoba nzima siyazi, ikakhulu emuva kokudlala kahle emdlalweni kanje, akubuzwa ukuthi sebecabanga ngePirates, hhayi iSwallows. Lowo moya uzofika ezindlebeni zabadlali bese bezithola sebecabanga ngomdlalo womkhaya. Yilowo-ke kodwa umsebenzi wethimba labaqeqeshi, ukulekelela laba badlali.”
Ukudlala neSwallows kuzoba yisivivinyo esihle kwiChiefs ngaphambi kokwamukela iPirates. Lokhu kusho ukuthi izodlala imidlalo yomkhaya emibili ilandelana ngesonto elilodwa.
Ngaphezu kwalokho, badlala neqembu elivika izembe okwesibili kulandelana eduze ngoba neChippa abayehlule ngoLwesine ekhaya eGqeberha, ilwela ukuhlala esigabeni esikhulu.
“Ngomunye umdlalo onzima njengalo esisuka kuwo ngoba sidlala nelinye iqembu elilwela impilo yalo. Kuzosisiza ukuthi sincike kakhulu ekudlaleni ngendlela esenze ngayo sibhekene neChippa United, okunguqinisa amakhanda, sizobuya nawo amaphuzu,” kusho uZwane.
Kwenye isemi final yeNedbank, kuzohlangana iStellenbosch FC neSekhukhune United.
IChiefs nePirates basembangweni oshubile wokuzibekisela indawo emiqhudelwaneni weCaf Champions League, noweCaf Confederation Cup.