AKAWUVALI umlomo ngomdlali wezakhe, u-Arthur Zwane, ongumqeqeshi weKaizer Chiefs, obona ukuthi yinkulu indima edlalwa wumgadli, u-Ashley Du Preez kuleli qembu laseNaturena.
UDu Preez ujoyine iChiefs ekuqaleni kwale sizini esuka kwiStellenbosch FC.
Emidlalweni ewu-25 sekuhlanganiswe yonke imiqhudelwano, uDu Preez ushaye amagoli ayisishiyagalombili, wakha amahlanu.
Njengoba Amakhosi ezobhekana neRoyal AM ngeSonto, ngo-6 ntambama eChatsworth Stadium, kowama-qaurter final eNedbank Cup, uDu Preez ungomunye wababhekwe ukuthi basize iqembu lidlulele esigabeni esandulela owamanqamu.
Ungomunye wabadlali abashaye elinye lamagoli behlula iCasric Stars ngo-2-1 kwi-Last 16 Nedbank.
Yize uDu Preez emasontweni edlule eke wakusho ukuthi ukugeja kubabulele kule sizini kodwa uZwane uyakholelwa kulo mdlali.
"Ungomunye wabadlali ababalulekile eqenjini lethu. Ukufika kwakhe kwenze omkhulu umehluko eqenjini. Ngicabanga ukuthi iStellenbosch esimthathe kuyo ibingamsebenzisi ngokwanele. Ubehlala eqala ebhentshini.
“Kithina ubaluleke ngendlela eyisimanga, uwumdlali okunzima ukuma endleleni yakhe uma ephambi kwakho. Ube nebhadi nje lokwehlelwa ukulimala. Angikuveze nje ukuthi ngesikhathi engekho iqembu like lathwala kanzima. Uwumdlali ohlukile uma umqhathanisa nesikhathi esadlala kwiStellenbosch. Usenzele lukhulu," kubeka uZwane.
Lo mqeqeshi uphinde wancoma ukuzimisela kukaSamkelo Zwane odlala esiswini. Akakufihlanga nokuthi siyabonakala isikhala sikaNjabulo Blom osedlala kwiSt Louis City, kwi-US Major League, e-United States of America (USA).
"Ngesikhathi sakhe usinike uzinzo eqenjini ikakhululazi esiswini. Izitha zethu bezihluleka ukusihlasela. Kubuhlungu ukuthi usesishiyile, kuhle ukuthi uthole amadlelo aluhlaza. Unekusasa elihle," kuncoma uZwane.
Mayelana nomdlalo weRoyal, lo mqeqeshi uthe: "Sidlala neqembu elinzima kakhulu. Njengoba sizobhekana nalo ekuhambeni kuzoba nzima kakhulu. Kuhlale kushunqa izintuli uma sidlala nalo.
“Khona kunzima kunjalo, kumele sinqobe noma ikanjani. Kuyasiphoqa ukudlulela emzuliswaneni olandelayo wale nkomishi. Sizoqhubeka nokusebenza kanzima. Kuhle ukwakha amathuba kunokuhlala dekle nje. Kumele siwasebenzise amathuba esiwatholayo.“