UMENGAMELI waMaZulu FC, uSandile Zungu, uthembisa ukuyiqala kabusha inkulisa yaleli qembu okuvele ukuthi sekunezinyanga ezimbili ivalilwe.
Leli phephandaba lithole ukuthi alisekho iqembu lika-Under 13, Under 15 no-Under 17 kuMaZulu futhi sekuphele izinyanga ezimbili abadlali nabaqeqeshi bekhonjwe emakhaya. Kuthiwa abazali bezingane ebezidlala kule nkulisa, bathunyelelwe izincwadi baziswa ukuthi inkulisa iyamiswa.
Umthombo weSolezwe olwaziyo lolu daba uthe asikho isizathu esicacile esitshelwe abaqeqeshi benkulisa. Kulaba baqeqeshi kukhona uNhlanhla "Shakes" Zwane owayengumdlali woSuthu, Lindokuhle "Dinto" Mkhize, Khaya Mngwengwe noBukasa "Belux" Kasonga waseDemocratic Republic of Congo owayeyisitobha kuMaZulu eminyakeni edlule. Iqembu elisele ngelika-Under 19 okudlala kulona iningi labadlali abayibamba kweleDStv Diski Challenge.
"Abaqeqeshi bonke bakhonjwe emakhaya, yavalwa inkulisa. Kusele iqembu lika-Under 19 kuphela okuyilona eliphakela eleDiski. Empeleni bonke abadlali abadlala kwelika-Under 19 banezinkontileka kweleDiski. Asazi noma inkulisa yonke isazovulwa noma cha," kusho umthombo.
Ngaphandle kokuvalwa kwenkulisa, kuvele ukuthi sebuphelile ubudlelwano phakathi koSuthu nesikole iGlenwood High School obekufunda kusona abadlali basenkulisa yaleli qembu. AmaZulu kade efaka kulesi sikole abadlali abasebancane abathole ezindaweni ezingaphandle kweTheku. Esinye isikole esisetshenziswa wuSuthu wuHlange High School, esiseNanda.
UZungu ethintwa yiSolezwe , ukuphikile ukuthi inkulisa ivaliwe, wathi basayimisile okwamanje.
"Inkulisa sizoyivula ngoJanuwari. Siyimise ngoba sifuna ukulungisa izinto ezithize. Besikhathazekile ngokuphepha kwabadlali abasuka ezindaweni ezikude. Siyiqembu elinakekelayo. Kuwumsebenzi wethu ukwenza isiqiniseko sokuthi abadlali baphephile. Sizokwenza ngendlela ehlukile uma sesivula. Sizogxila kubadlali baseThekwini namaphethelo. Kodwa ngeke simuyeke onekhono kakhulu esimthola ngaphandle. Sizomthatha simfake esikoleni. Okubalulekile wukuthi bonke abadlali baphephile futhi bafika ngesikhathi emakhaya. Kuwumsebenzi wethu lokho," kusho uZungu.
Omunye umthombo udalule ukuthi nakuba kungacaci ngokuvulwa kwenkulisa yoSuthu kodwa izicelo zokuqeqesha kuyona zingena zilakanyana.
UZungu ukuqinisekisile ukuthi akubona bonke abaqeqeshi abachithiwe abasazobuyiswa. Izinkontileka zabo ziyaphela ngenyanga ezayo.
Kubadlali baMaZulu abakhiqizwe yinkulisa yawo kukhona uNkanyiso Zungu obolekiswe yi-Orlando Pirates kwiRichards Bay, Sibusiso Magaqa noSiphesihle Maduna asebeyibamba esikimini esikhulu.