ZAKHELE XABA
UNOMLANDO wokungahlali emaqenjini umqeqeshi omusha waMaZulu FC, uRomain Folz, othenjwe ngokubuyisa izinsuku zenjabulo eqenjini.
UFolz (32) waseFrance, umenyezelwe ukuba ngumqeqeshi woSuthu ngeSonto ekuseni. Uzovala isikhala esivuleke emuva kokuhamba kukaBrandon Truter, ohluleke wancama ukuletha imiphumela ethokozisayo Osuthwini. Ibhantshi ligcwale umoya kuTruter ngoLwesine olwedlule ngemuva kokwehlulwa womkhaya, iRichards Bay ngo 1-0 koweDStv Premiership ngoLwesithathu olwedlule. Bekuwumdlalo wesihlanu Usuthu lunganqobi kwiligi.
UFolz uzoqeqesha leli qembu esizwa yiphini u-Ayanda Dlamini, kuze kuphele isizini ka-2022/2023. Uqashwe ngaMaZulu kusaphele amasonto ambalwa ehlukane neMarumo Gallants, ayishiye engakaze awine nowokubika umdlalo kweyisihlanu ayihlale ebhentshini kwiDStv Premiership. UDlamini wayeqeqesha AmaZulu ngo-2020 ngaphambi kokuthi aqashe uBenni McCarthy.
Nakuba esemncane uFolz, oneziqu zokuqeqesha ze-Uefa Pro Licence, kodwa usehambe amazwe ahlukene phesheya kwezilwandle nase-Afrika. Okuphawulekayo wukuthi alikho iqembu ahlale kulona, okungenani amasizini amabili.
Uqale ukuqeqesha ngo-2018 kwiWest Virginia yase-United States of America, wadlulela eqenjini lesizwe lase-Uganda, wayoba yiphini lomqeweshi ngo-2019.
Ngo-2020 uvumbuke kwiPyramids yase-Egypt kodwa nayo washesha wayishiya, wayoqashwa eGhana kwiBechem United. Ngawo u-2020, ubuyele ekhaya eFrance kwiNiort. Ngo-2021 ubuyele eGhana eseyoqeqesha i-Ashanti Gold kodwa unyaka waphela esekwiTownship Rollers yaseBotswana, lapho iGallants imthathe khona.
Nakuba uFolz engenakho okungako okuphathekayo asekwenzile ebholeni ekuqeqesheni kodwa umengameli woSuthu, uSandile Zungu, uzwakale emethemba.
"Bengifuna umuntu oliqondayo ibhola lasekhaya. Lokho-ke kubakhiphile abanye abaqeqeshi abekade ebanga nabo umsebenzi. Njengoba isizini isiphakathi, asikho isikhathi sokuqala phansi ujwayele indawo entsha nebhola laseMzansi. Okunye besifuna umuntu odlalisa ibhola elihlaselayo. Kade sigxekwa kakhulu ngokudlala ibhola lokuhlala emuva. Yebo, asingenelwa ngamagoli futhi asihlulwa kakhulu kodwa asiwashayi amagoli," kusho uZungu.
"Ngilwenzile ucwaningo ngoFolz. Ungumuntu okwaziyo ukucubungula. Lokhu kusho ukuthi alikho iqembu esizodlala nalo azobe engazi ukuthi lidlala kanjani. Okuhlabe umxhwele kakhulu ngaye wukuthi usemncane. Lokhu kusho ukuthi unolwazi ngendlela izinto ezenziwa ngayo ebholeni lesimanje."
Mayelana nokungahlali emaqenjini kukaFolz, uZungu uthe: "Lokho angikugqizi qakala. Uzohlala lapha kuze kuphele isizini. Emuva kwalokho sizobheka ukuthi usebenze kanjani. Uma enza kahle, Usuthu luzoba yiqembu lokuqala azohlala kulona iminyaka engu-10."
Kodwa akubona bonke abantu abanethemba njengoZungu.
Ekhasini loSuthu leFacebook, kuhlale obala ukuhlukana kwemibono kubalandeli ngokuqashwa kukaFolz.
UMduduzi Masinga ubhale ukuthi: "Usihlalo waMaZulu akalazi ibhola."
USithembiso Prince uphawule, wathi: "Manje sekuyaqala ukubonakala ukuthi uZungu ungusomabhizinisi nje nosopolitiki. Akazi lutho ngebhola."
UMandla Duze ubhale, wathi: "Uma uqhathanisa noTruter, uFolz ungcono. Mhlawumbe engenza kangcono kunoTruter. Belingekho ikusasa.“
UKing Max Gatsheni ucelele uFolz ukwamukelwa:
"Lo mqeqeshi osemncane ubekade ethembisa kwiMarumo Gallants. Kade bedlala ibhola elijabulisayo. Asimamukele sonke emndenini woSuthu ngemfudumalo. Kusazoba mnandi."