UPAPI Zothwane ongumqeqeshi wePolokwane City uphoqeleke ukuthi abe nomhlangano nabadlali bakhe ukuze bengezukuzithwala njengoba iqembu labo liqhwakwele kwi-log yeMotsepe Foundation Championship.
ICity isesicongweni ngamaphuzu awu-19, emidlwalweni eyisishiyagalolunye.
Iqembu lakhe linqobe imidlalo emithathu kulandelana.
Kweligcine ukuwudlala lishaye iJDR Stars ngo-2-1. Kowandulela lo belishaye iTTM nePretoria Callies.
UZothwane oke wadlala kwiLamontville Golden Arrows eminyakeni edlule, uthe kule midlalo edlule uqaphele ukudembesela kwabanye babadlali bakhe.
Uthe ukuthathe ngokuthi sebenemidlalo abayeyayo.
"Angazi ukuthi uzithwala kanjani ungakayinqobi iligi. IHungry Lions esendaweni yesibili, siyishiya ngephuzu elilodwa kuphela. Kuye kwangiphoqa ukuthi ngihlale phansi nabadlali bami ngibazise ukuthi iligi ifana nomjaho wamabanga amade. Uma uzodembesela, wenze amaphutha uyasala endleleni. Uma ungumqeqeshi ubhekana nabadlali abacabanga ngendlela ehlukene.Ababuthaka ekuthatheni izinqumo eziphusile kumele uhlale ubabhekile,“ kusho uZothwane.
"Sidinga ukuwubamba lo mgqigqo esidlala ngawo. Abanikazi beqembu banginike umyalelo wokwenyusela iqembu KwiDStv Premiership. Abalandeli bePolokwane bayifuna ibuyele esigabeni esiphezulu. Yebo abadlali bami basadlala kahle kodwa kuningi okusamele sikulungise. Isifiso sami ukuthi siye ekhefini leNdebe yoMhlaba siqhwakele. Ngithemba ukuthi ngeke liwubulale umgqigqo wethu, abafana bami babuye sebewehlisile umfutho.“
Namuhla ngo-3.30 ntambama, iPolokwane izobhekana neCasric, eSolomon Mahlangu Stadium. Kwegcine ukuwudlala iCasric ishaywe Uthongathi ngo-1-0. Isendaweni yesihlanu ngamaphuzu awu-14 emidlalweni eyisishiyagalombili.
UZothwane oke wacija uThongathi, uthe kumele banqobe kumnyama kubomvu kulo mdlalo.
"Uma siqeda oweCasric sizobhekana neMM Platinum kowokugcina kulo nyaka. Njengoba sifuna ukuya ekhefini siqhwakele kumele siyinqobe noma kanjani le midlalo. Amalungiselelo omdlalo weCasric ahamba kahle kakhulu," kusho uZothwane.
Imidlalo yeMotsepe Foundation namuhla:
Ngo-3.30: TTM v Callies (Thohoyandou Stadium); Casric v Polokwane (Solomon Mahlangu); Lions v University of Pretoria (Windhoek Draught Park); JDR v Venda (Soshanguve Giant Stadium).