NAKUBA ezame kaningi ukugwema ukunconywa ngempumelelo yakhe kwi-Orlando Pirates kusukela efikile umqeqeshi wayo, uJose Riveiro kodwa akazange akufihle ukuthi uzishaya isifuba ngasekuzuzile kwiBucs yena nabadlali bakhe.
IPirates inqobe umdlalo wayo wesikhombisa weligi kulandelana kwiRichards Bay FC okuqondane nokuthi bekungoka-100 kusukela uRiveiro afika ngo-2022.
Kube igoli, lika-Evidence Makgopa, elinike uRiveiro iwini yakhe ka-62 kule midlalo engu-100 ashaywe kwengu-21 yayo wase edlala ngokulingana kwengu-17.
Zinhlanu izicoco uRiveiro asezifake ekhabetheni lePirates kusukela efikile okubalwa kuzona i-MTN8 aseyidle amahlandla amathathu kulandelana namaNedbank Cup amabili.
Indlela iPirates eqale ngayo kule sizini abaningi bayithipha ukuba ikunqamule ukukhonya kweMamelodi Sundowns esidle isicoco seligi yaseNingizimu Afrika amahlandla ayisikhombisa.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba abenesithangami nabo emuva koweBay, uRiveiro uthe ujabule ngesimo akusona kodwa akakaze akungabaze ukuthi uzoyiqeda iminyaka emithathu yenkontileka ayisayina ngesikhathi esuka kwelaseSpain.
“Ngiwuhlobo lomqeqeshi ozibophezelayo ekutheni ayiqede inkontileka asuke eyisayinile,” kusho yena.
“Kuliqiniso ukuthi ukuze uqede leyo nkontileka nemiphumela kumele ikuvumele.
“Ngizishaya isifuba ngokuthi le midlalo engu-100 ngiyidlale kwiPirates nalolu hlobo lwabadlali enginalo.
“Ngizizwa nginenhlanhla futhi ngihloniphekile ukuthi iqembu elithathwa njengelikhulu njengePirates likhethe mina ukuba ngilihole,” kusho uRiveiro.
Lo mqeqeshi ozoqala uhambo lweCaf Champions League ngasekupheleni kwenyanga uthe sekungaba yize leze ukuthi iPirates iqale ngale ndlela bese iyawudedela umgqigqo.
“Inkinga enkulu eligini yethu ukuwina imidlalo ilandelana kodwa ngoba nakhu sesikwenze kwaze kwaba kasikhombisa, kungani singabe sisaqhubeka ngaleyo ndlela?
“Inzima iligi yethu kodwa abadlali bePirates sebekukhombise kaningi ukuthi abukho ubunzima abangeke bamelane nabo,” kusho uRiveiro.
UBrendon Truter opheka iBay, ukhale ngokuzaca kwesikwati nokuminyana kwemidlalo.
“Kunamahora amaningi esiwamosha sisebhasini phakathi kweTheku neRichards Bay ngakho-ke abadlali bami bakhathele.
“Angikhonondi kepha kuliqiniso ukuthi imidlalo edlule isikhahlazile kwazise ibisezifundazweni ezahlukene,” kusho uTruter.