UMGADLI weLiverpool, odlala ezinhlangothini, ungene emlandweni we-English Premier League, ezakhe zithela iManchester United ngehlazo lika- 7-0 e-Anfield Stadium ngeSonto.
Kulo mdlalo uMohamed Salah, odabuka e-Egypt, uvalele phakathi amagoli amabili, waphinde waba wumdlali wosuku ovelele.
USalah ube umdlali wokuqala weLiverpool ukushaya amagoli emdlalweni eyisithupha kulandelana bebhekene neMan United. Amanye amagoli avalelwe phakathi nguDarwin Nunez (2), Cody Gakpo (2) noRoberto Fermino (1) okubikwa ukuthi uyashiya kwiLiverpool ekupheleni kwale sizini.
Amagoli kaSalah kulo mdlalo amenze waba umdlali onamagoli amaningi emlandweni weLiverpool kwi-English Premiership njengoba esehlohle angu-129. Uphule irekhodi lamagoli angu-128 likaRobbie Fowler, okungumgadli weLiverpool osewawagaxa emgibeni.
Ekhuluma nentatheli yeSky Sports ngemuva komdlalo, uchaze le mpumelelo njengephupho abekulambele ukulifeza.
“Kubalulekile kakhulu kimina, angifuni ukuqamba amanga. Ukuphula leli rekhodi bekuyisifiso sami selokhu ngafika kuleli qembu. Ngijabule kakhulu, ngizoya ekhaya ngiyojabula nomndeni wami,” ubeke kanje.
Lo mdlali, owake wagijima kwiChelsea, uphethe nerekhodi lokuba ngumdlali wase-Afrika onamagoli amaningi kunabo bonke kwiPremier League. Unamagoli angu-131 uma kuhlanganiswa namabili awashaya esadlala kwiBlues.