AMAZULU aphuce iKaizer Chiefs iqatha emlonyeni iqasha inkakha uReneilwe Letsholonyane njengomunye wabaqeqeshi ezinhlakeni zokuthuthukisa abadlali ebezivalwe nyakenye.
Isolezwe lihoshe ukuthi uLetsholonyane, obekuvele ukuthi uzobuyela kwiChiefs adlale kuyona iminyaka eminingi, usegixatshezwe isikhundla sokuqeqesha iqembu loSuthu lika-Under 17. Kulo msebenzi kuthiwa uzobambisana noMbulelo "OJ" Mabizela wodumo kwi-Orlando Pirates kodwa ogcine eseyibamba kulona Usuthu.
Ngaphezu kwalaba baqeqeshi, AmaZulu aqashe u-Andile "Sguda" Cele ozopheka iqembu lika-Under 19 eliphakela eleDStv Diski Challenge. UCele owadlala kwiPirates, ubeqeqesha iMaritzburg City esigabeni sama-amesha. Kuthiwa laba baqeqeshi sebevele basekhempini yabadlali abasebancane eHilton.
Ukuqashwa kwalaba baqeqeshi kusho ukuphela komsebenzi noma kubeka engcupheni ikusasa labaqeqeshi abebesenkulisa yoSuthu ngesikhathi ivalwa nyakenye, okukhona kubona uBelux Kasongo noNhlanhla "Shakes" Zwane.
"Baningi abaqeqeshi abebefuna izikhala kuMaZulu kodwa bagcina bengaqashwanga. UYeye, uMabizela noSguda yibona abagcine bethathiwe. Kukhona nomqeqeshi wonozinti osuka eGauteng ozobajoyina," kusho umthombo.
Ngesikhathi inkulisa ivalwa nyakenye, umengameli woSuthu, uSandile Zungu, uthe bayivala ngenxa yezinkinga eziyikhungethe okukhona kuzona eyabadlali abahlala kude. Wathi bazoyivula sebeshintshe izinto kulo nyaka.
Izolo okhulumela AmaZulu, uBrilliant Mkhathini, uthe uLetsholonyane ungomunye wabaqeqeshi abakhuthaza abadlali abasebancane ekhempini.
"Iqembu alikwazi ukuyiqinisekisa leyo nto okwamanje. Kuleli sonto amaqembu abasakhula asekhempini lapho eyogqugquzelwa, aqeqeshwe ngendaba yokukhuluma nabezindaba nokunye. Kukhona imikhakha eminingi yeqembu okubalwa kuwona owezokumaketha.
“Kukhona abaqeqeshi abahlukene okubalwa kubona naye uLetsholonyane. Angazi ukuthi kukhona yini okuzobahlanganisa neqembu ngomuso. Akukho okusemthethweni esingakusho okwamanje," kusho uMkhathini.
Inkulisa yaMaZulu ikhiqize abadlali abaningi asebedlala eqenjini leDStv Premiership okukhona kubona uSandile Khumalo, Sphesihle Maduna noSibusiso Magaqa.