Selinyukele kwelinye izinga isasasa lomqhudelwano webhola ohlanganise amazwe aseSouth America, North America nawaseziqhingini ezingasemelika, iCopa America, osungena esigabeni somkhumulajezi.
Lo mqhudelwano obanjelwe e-United States uqalwe ngamaqembu angu-16 ngoJuni 13 kodwa ingxenye isale ngaphandle ekupheleni kwesigaba samaqoqo, ayisishiyagalombili azibekisela izindawo kuma-quarter-final.
Iqembu elivikela le sicoco, i-Argentina, liphume namaphuzu aphelele kuGroup A lapho inqobe khona iCanada ngo 2-0 , iChile ngo 1-0 nePeru ngo 2-0.
Isilomo se-Albiceleste, uLionel Messi, asikayibhakuzisi inethi kulo mqhudelwano kodwa sibe nesandla emagolini ashaye yileli qembu emidlalweni emibili yokuvula.
UMessi akadlalanga kowokugcina wamaqoqo nePeru ngenxa yokuthi kukhona okuthile abengakuzwa kahle emsipheni osethangeni kodwa kulilindeleke ukuthi abuye uma sebebhekene ne-Ecuador kuma-quarter-final namuhla.
I-Equador ilale isibili kuGroup B lapho inqobe khona umdlalo owodwa, yanqotshwa kanye, yaphinde yadlala ngokulingana kanye.
Amanye amaqembu angalahlanga maphuzu esigabeni samaqoqo yiVenezuela, eqhwakele kuGroup B ne-Uruguay, eqede esicongweni kuGroup C. IColombia iphume phambili kuGroup D ngamaphuzu ayisikhombisa ngenxa yokuthi ibanjwe yiBrazil ngo 1-1 emdlalweni wokugcina.
IBrazil, eyanqotshwa yi-Argentina kowamanqamu eCopa America ngo-2021, ngelinye la maqembu athwelwe ngeqoma kulo mqhudelwano ngenxa yokubophela izihlabani ezigijima emaqenjini amakhulu eSpain, England nakwamanye amazwe.
Iwuvule ngegiya eliphansi umqhudelwano ibanjwa yiCosta Rica ngo 0-0, yavuka yaxebula iParaguay ngo 4-1, ngaphambi kokubambana neColombia.
Emdlalweni neParaguay, uVinicius Junior ushaye amagoli amabili, uSavio washaya elilodwa, elinye kwaba yiphenathi evalelwe nguLucas Paqueta. KoweColombia igoli lokubika lishaywe ngumgadli weBarcelona, uRaphinha.
Kubhekwe ukuthi izilomo zeBrazil zibhukule kuma-quarter-final njengoba uVinicius ezobe engekho ngenxa yokuthola ikhadi lesibili bedlala neColombia.I-Uruguay ivale ngabadlali okukhona kubona uRonald Araujo noSebastian Caceres emuva, uFederico Valverde noRodrigo Bentancur esiswini noDarwin Nunez benoLuis Suarez phambili.
Imidlalo yama-quarterfinals yeCopa America:
Kusasa - 3am Argentina v Ecuador
NgoMgqibelo - 3am Venezuela v Canada,
NgeSonto -12am Colombia v Panama; 3am Uruguay v Brazil