Orlando Pirates (1) 4
AmaZulu (1) 2
I-ORLANDO Pirates ithele phansi AmaZulu FC ngo 4-2 emdlalweni wama-quarterfinal eNedbank Cup, yazibeka ethubeni lokuqhubeka nokulwela ukuvikela lesi sicoco esidle ngesizini edlule.
EZimnyama azizange zibaphoxe abalandeli bazo abebephume ngobuningi, kulo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoMgqibelo ebusuku. Ziwuqale ngomfutho umdlalo, zihlasela ngamandla kodwa zangakwazi ukuthola igoli kuqala.
Kunalokho iqembu lasekhaya yilona elibhakuzise inethi kuqala ngemuva kwemizuzu ewu-30 uqalile umdlalo, ngonyawo lukaHendrick Ekstein, obengagayelwe mphako.
Izivakashi ziqhubekile nokuhlasela, zizama ukuthola igoli lokulinganisa. Nembala, kuthe isiwombe sokuqala sesiya ngasekupheleni, unompempe, uMasixole Bambiso, wayikhomba emnatheni. Usole isitobha soSuthu, ngokudlalisa kabi, uMakhehleni Makhaula ebhokisini. Lesi sinqumo ibhentshi loSuthu nabadlali bakhombise ngokusobala ukuthi abahambisani naso.
UPatrick Maswanganyi weZimnyama, akazange alimoshe lelo thuba lokulinganisa ngephenathi, wamlahla uVeli Mothwa emapalini AmaZulu, kwayiwa ekhefini kulinganwa.
Esiwombeni sesibili, kube uKabelo Dlamini, obeke iPirates phambili ngemuva kokushaya i-free kick, emshiye ejamile uMothwa emapalini ngomzuzu ka-58, kwachwaza inkundla.
Nokho akuphelenga imizuzu emingakanani, Usuthu lwaphendula ngoTaariq Fielies ngoka-64.
Okuqaphelekile ngalo mdlalo wukuthi ubungabandi neze njengoba belingekho iqembu elizibeke phansi. Bekucaca ukuthi womabili afuna ukuzisondeza nokuphakamisa le ndebe ehamba nesheke lika-R7 million nethikithi lokuyodlala kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo.
Abaqeqeshi bobabili benze izinguquko, uPablo Martin woSuthu wadonsa, uVictor Lestoalo indawo yakhe yathathwa, Junior Dion. UJose Riveiro, wePirates ukhiphe uMiguel Timm, wagaxa Thalente Mbatha. Ulandelise ngokufaka uMannapule Saleng endaweni kaRelebohile Ratomo.
Kuthe umdlalo ususele ngemizuzu engaphansi kweshumi uye ekupheleni, umdlali wakudala woSuthu, uMakhehleni Makhaula wabeka amaBhakabhaka phambili, umvusi wenyamazane kunguSeleng. UMakhaula akabange esawuqeda umdlalo ekhombisa izimpawu zokulimala, wakhishwa ngohlaka, kwangena uNdabayithethwa Ndlondlo.
Ngemuva kwaleli goli lesithathu, iPirates iqhubekile nokuhlasela nokuyitholele igoli lesine esikhathini esengezwe unompempe, basala bejabhile aboSuthu, ngesikhathi kuyinhlokomo kwabeZimnyama.
IPirates isijoyine iMamelodi Sundowns kowandulela owamanqamu, kanjalo neStellenbosch FC ebhaxabule iSuperSport United ngo 4-0 komunye umdlalo wama-quarterfinal obungoMgqibelo. Sekusele kuphume iqembu lesine phakathi kweTS Galaxy neChippa United abadlala ngeSonto eMbombela Stadium ngo-3 ntambama. Ngemuva kwalo mdlalo azobe eseqhathwa amaqembu azodlala kowandulela owamanqamu, kumenyezelwe nenkundla okuzodlalela kuyo owamanqamu.