Mamelodi Sundowns (0) 0
Young Africans (0) 0
(ISundowns inqobe ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi)
UNOZINTI weMamelodi Sundowns, uRonwen Williams, uphinde wakhombisa ubuqhawe bakhe abukhombise eqenjini lesizwe iBafana Bafana kwi-Africa Cup of Nations evimba amaphenathi amqoka ezakhe ziguqisa iYoung Africans yaseTanzania ngo 3-2 kumaphenathi emdlalweni womlenze wesibili wama-quarterfinal eCaf Champions League, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngoLwesihlanu ebusuku.
Kulo mdlalo obuphele zibambane ngo 0-0 emizuzwini engu-90, uWilliams uvimbe amaphenathi amabili eYoung Africans egeza uStephane Aziz Ki noDickson Job.
Ukunqoba kweSundowns kulo mdlalo kuyibekisele indawo kweyandulela owamanqamu, kwabuyisa namathemba okufinyelela kwayo kowamanqamu alo mqhudelwano njengoba ngesizini edlule yehlulwa yiWydad Casablanca kowandulela owamanqamu.
Lo mdlalo womlenze wesibili bewuvuma womabili amaqembu futhi ungokawafawafa ekuzibekiseleni indawo kowandulela owamanqamu, kwazise abedlale ngokulingana ngo 0-0 kowomlenze wokuqala eBanja Mkapa Stadium, eDar er Salaam, ngoMgqibelo odlule.
ISundowns okuyiyona ebithwelwe ngeqoma yesekwe nayizinkumbi zabalandeli bayo enkundleni yasekhaya, ikhombise ukuthi ifuna ukuwunqoba lo mdlalo njengoba beyihlasela, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala, kodwa yahluleka ukuwasebenzisa ngendlela amathuba phambi kwamapali.
Amathuba atholwe wuLucas Ribeiro Costa noThembinkosi Lorch ngesiwombe sokuqala, yiwona obekufanele enze leli qembu lasePitoli liye ekhefini lihamba phambili.
Nangesiwombe sesibili iSundowns iqhubekile nokukhombisa ukuba yiqembu elingcono kuneYanga nokulawula umdlalo, nakuba iYanga ibisikhombisa ukuvuka emaqandeni kunangesiwombe sokuqala.
Okuqaphelekile ngeSundowns kwukuthi yize beyibophele isikimu sayo esiqinile evame ukudlala ngaso, kodwa kubukeka iYanga ibe nesu lokuvalela ebhodleleni izethenjwa zamaBrazilians okubalwa kuzo uTeboho Mokoena, uThemba “Mshishi” Zwane nomgadli uPeter Shalulile.
Nebala ukucwila kukaZwane kugcine kuholele ekukhishweni kwakhe ngesiwombe sesibili indawo yakhe yathathwa wuThapelo Maseko.
Kucishe kwayibhedela iSundowns ngomzuzu ka-58 ngenkathi umgadli weYanga, uKi ededela inguzunga yeshodi eshaye ipali kwakubeka sengathi igqome ngemuva kolayini, kodwa ukubuyekeza kweVideo Assistant Referee (VAR) kwakhomba ukuthi ibhola aliweqanga ulayini.
Womabili la maqembu abe esehlaselana izikhawu, ethola amathuba okufika emapalini, kodwa lingekho eliphumelela ukuthola igoli.
UGaston Sirino obesanda kungena endaweni kaLorch, udedele ibhola elinzima eliphebezwe wunozinti weYanga ngomzuzu ka-75.
Ngomzuzu ka-78, uClement Mzize kwale kancane ashayele iYanga igoli lokunqoba esebhekene nonozinti kodwa ibhola lakhe laphuma kancane eceleni kwepali sekuvalwe amehlo.
ISundowns engompetha be-African Football League, inengcindezi yokuhamba ibanga elide futhi iwunqobe lo mqhudelwano weChampions League eyagcina ukuwudla ngesizini ka-2015/2016.