UNOZINTI weSwallows FC, uVirgil Vries, udalule ukuthi sebexolisa isinyenyela abalandeli beKaizer Chiefs ngendlela iqembu labo elamxosha ngayo.
UVries waseNamibia, uzitamuzela ijezi kwiSwallows kule sizini futhi ungomunye wonozinti abasangenelwe ngamagoli ambalwa kwiDStv Premiership.
Uthole ikhaya elisha kwiSwallows isadlala kwiGladAfrica Championship emuva kokukhonjwa indlela yiChiefs ngo-2019 kulandela ukwenza amaphutha abeholela ekuhlulweni kweqembu. La maphutha amakhele isigcwagcwa kubalandeli baMakhosi, bagcina bengasamfuni kuleli qembu.
UVries uthe abanye babalandeli beChiefs bayazisola ngokuthi wagcina exoshiwe.
"Abanye abalandeli beChiefs basenakho ukungicasukela ngokwenzeka. Ngeke ngisho ukuthi banamagqubu ngoba bayalithanda iqembu futhi bafuna ukulibona lenza kahle. Yimina engabazwisa ubuhlungu. Abantu bayohlala bekukhumbula ngokubi okwenzile. Ngiyawavuma amaphutha ami," kusho uVries.
"Kodwa abanye abalandeli namanje basangitshela ukuthi bayazi ukuthi ngikuliphi izinga njengonozinti ngoba sebengibona ngenza kahle kwiSwallows. Bathi bayaxolisa ngokuthi iqembu labo lagcina lingixoshile. Kodwa ke konke sekudlulile. Amaphutha engawenza kwiChiefs angikhulisile njengomdlali."
Emidlalweni engu-14 ayivimbile kwiligi kwiSwallows kule sizini, uVries usangenelwe ngamagoli ayisishiyagalolunye. Ngomunye wonozinti ababili kwiPremiership abasalande enethini amabhola angaphansi kuka-10. Omunye nguDenis Onyango weMamelodi Sundowns osangenelwe ayisikhombisa kuphela.
Amava kaVries ayisize izikhawu iSwallows engakaze ihlulwe kule sizini kwiDStv Premiership. Ngempelasonto edlule ibiqala ukuhlulwa esigabeni esikhulu, ikhishwa yiTshakhuma Tsha Madzivhandila kwiNedbank Cup Last 16 ngamaphenathi.
"Emuva kwamaphutha engawenza kwiChiefs kuningi okwenzeka. Kodwa kudingeke ngikubeke eceleni ngikholelwe kulo muntu enginguye. Akwenzekanga ngephutha ukuthi ngidlalele iChiefs. Kusukela lapho angiphindanga ngaba ngunozinti engangiwuyena phambilini. Ngingunozinti ongcono manje.
"Engikufunayo manje wukuba ngomunye wonozinti abenza kahle kwiligi, ngisize iSwallows iqede isizini endaweni ehloniphekile. Okwamanje kubukeka konke kuhamba kahle. Uma singangenelwa amagoli makhulu amathuba okuwina imidlalo. Okwamanje angiyibhekile imiklomelo eza kimina. Ngisabeka iqembu phambili. Ngesizini ezayo ngizoqala ngikucabange lokho. Uma iqembu lenza kahle makhulu amathuba okuthi ngiyithole imiklomelo," kusho uVries.